ABEZIMO eziphuthumayo babizelwe emgwaqeni uR31 eKuruman eNorthern Cape ngemibiko yengozi.
Befika kule ndawo bathole ukuthi itekisi lishayise imbongolo anduba ligingqike.
“Kushone oyedwa obegibele etekisini ngesikhathi kwenzeka le ngozi, abanye abagibeli bathole imihuzuko emincane,” kusho uKyle van Reenen okhulumela abe-Emer-G-Med.
Abalimele balashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiwa esibhedlela, kanti imbangela yengozi ayaziwa.