KULINDELEKE ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseKrugersdorp ngoMsombuluko owesilisa oboshelwe icala lokushayela budedengu ngezinsolo zokuphazamisa ujenga lwezimoto zezicukuthwane, ngasesikhumulweni sezindiza iLanseria ngeSonto ekuseni.
Owesilisa oneminyaka engu-57 kuthiwa uxwayiswe ngamaphoyisa omgwaqo naweSAPS abephelezela izicukuthwane ngokuthi angasondeli ojengeni lwezimoto kodwa wawaziba.
“Uzame ukujoyiya ujenga futhi ngesikhathi esezama okwesithathu, amaphoyisa ammisile ambopha,” kusho uBrigadier Athlenda Mathe, okhulumela amaphoyisa kuzwelonke.
Uthe ngokomthetho iNational Road Traffic Act, izimoto ezibhanyaza amalambu aluhlaza zinelungelo lokudlula uma kuphephile futhi abashayeli bagqugquzelwa ukuthi bazinike indlela.
Ukhumbuze abantu ukuthi izimoto ezinelungelo lokuba namalambu aluhlaza ngezamaphoyisa eSAPS, amaphoyisa kamasipala, awomgwaqo namaphoyisa amasosha.
Uthe umphakathi uzoba necala uma utholakala usebenzisa amalambu aluhlaza.