KUBOSHWE umholi we-ANC oqavile esifundeni iTheku okuthiwa uthathwe nabaqaphi bakhe ngezinsolo zokushayela budedengu nokutholwa nezibhamu ezingenazo izimvume.
Lo mholi ongeke adalulwe okwamanje uboshwe ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mholi wesilisa unesikhundla esiqavile esigungwini sesifunda kodwa akajutshiwe esikhundleni sikahulumeni noma kumasipala. Ungumuntu osebenza ngokugcwele ehhovisi le-ANC esifundeni iTheku.
Izingede zeSolezwe zithi lo mholi utholwe eshayela budedengu imoto engenazo nezinombolo. Kuthe uma eboshwa kwashaqwa nezibhamu kwaboshwa nabaqpahi bakhe ababili.
Kuthiwa amaphoyisa oKlebe nawomkhandlu weTheku asebenze ngokubambisana ukubopha lo mholi. Kuthiwa uyiswe esiteshini samaphoyisa eDurban North nokuyiwona aphethe udaba lwakhe. Kuvele nokuthi ngesikhathi eboshwa kutholwe izishaqane zemali okungaqondakali ukuthi eyani.