AKHALELWE amasongo kaSigonyela amasosha akuleli, asolwa ngamacala ocansi okuthiwa awenze lapho ajutshwe ukuyogcina ukuthula, eCongo.
I-United Nations imemezele ukuthi amasosha ayisishiyagalombili akuleli, aboshelwe amacala aphathelene nocansi futhi asekhishiwe ohlwini lwamasosha ajutshiwe.
Amasosha akuleli ajutshwe eCongo, ukuyogcina ukuthula ngenxa yokuthi kunesimo esimanzonzo
Okhulumela ihhovisi likaNobhala- Jikelele we-UN, uStephanie Dujaricc, uthe bathole ulwazi ngamasosha akuleli asolwa ngamacala ocansi. Uthe kunophenyo olunzulu abaluqalile futhi lukhomba ukuthi amasosha ephule imigomo yokuziphatha.
“Siphendulile emuva kokuthola ulwazi lokuthi kunamasosha atshaliwe kodwa awuvanzi ngesikhathi esingafanele futhi besendaweni yobumnandi edayisa ucansi. Sithumele abasebenzi bethu abafike bashawa besatshiswa yiwona amasosha,’’ kusho uDujaricc.
Iqembu iDA lithe lizwile ngalokhu futhi lifuna uphenyo nencazelo ngakho. I-DA ikhale ngokuthi udaba bake baluveza benxusa izikhulu ukuthi zisukumele indaba yocansi embuthweni.
Bathe ziningi izinto ezingahambi kahle embuthweni ngoba kusanda kusha amasosha ashona esenkanjini. Baphinde bakhala nangodaba lomkhumbi iLady R, bathi abanelisekile ngalo futhi lufaka umbutho ehlazweni.