KULINDELEKE ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseTsakane, eGauteng, namuhla abantu abane abasolwa ecaleni lokubulawa kobeyisikhulu soKlebe eThekwini.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-23 nengu-44 baboshwe ngoLwesithathu ekuseni.
Okhulumela oKlebe eGauteng, uColonel Philani Nkwalase, uthe ababoshiwe kusolwa ukuthi bayathinteka ekubulaweni kukaLieutenant Colonel Sikhetho Mawila (63).
Abasolwa babekwe necala lokuthumba nelokuduna imoto.
Isidumbu sikaMawila sitholakale maphakathi nenkundla yezemidlalo sinamanxeba okudutshulwa, awokugwazwa nokushaywa ngoMsombuluko ngesonto eledlule.
“Umndeni kamufi ubugcine ukukhuluma naye ngoJanuwari 6, nonyaka, ngesikhathi esehamba elibangise eThekwini, lapho abekade esebenzela khona. Umndeni wabe usumbika njengomuntu odukile ungasamtholi ocingweni,” kusho uNkwalase.
UNkwalase uqhube wathi ukuboshwa kwabasolwa kuza emuva kophenyo olunzulu lwamaphoyisa.
Udalule ukuthi abasolwa batholwe neselula, i-laptop kamufi, isibhamu sakhe somsebenzi nesikhwama semali, amateku okugijima, ipotimende, okhiye, i-cooler box nommese.
Kubikwa ukuthi itholakele nemoto kamufi eyayikade iduniwe kulesi sehlakalo kodwa ibisishisiwe.
Inhloko yoKlebe kuzwelonke, uLieutenant General Godfrey Lebeya, ikushayele ihlombe ukusebenza ngokubambisana kwezinhlaka zezomthetho okuholele ekuboshweni kwabasolwa.
Amaphoyisa athe umufi wayekade ewubikelile umndeni wakhe ukuthi uzoqala ethe uphethroli egaraji ngaphambi kokuthi anikele eThekwini.