AKAKWAZANGA ukuvela enkantolo ngenkinga yekheli umzanyana osolwa ngokweba usana abelugada eWaterfall, eBhamshela waboshwa oThongathi lapho abecashe khona nalo.
Isolezwe lakwabo kwaleli phephandaba, ngoLwesihlanu libike ngomzanyana oboshelwe ukweba usana okuthiwa uthathe izimpahla nesitifiketi sokuzalwa. Kuthiwa usana lomfana olunezinyanga eziwu-7 lubonakele lungasekho nomzanyana engasekho.
Unina wosana, uNksz Zibuyile Gumede ufake lolu daba ezinkundleni zokuxhumana enxusa abantu ukuba bawuhlabe bawulawule bamfunise usana lwakhe.
Bekulindeleke ukuthi umzanyana avele okokuqala eNkantolo yeMantshi KwaDukuza ngoLwesihlanu kodwa wagcina engavelanga. Isolezwe Ngempelasonto lizamile ukuthola kwabathile enkantolo, baqinisekisa ukuthi akavelanga.
Bathe kunenkinga yekheli likamsolwa, ngoba akanayo indawo eqondile ahlala kuyona ngaphandle kwalo muzi abegada kuwona ingane.
Umzanyana kuthiwa webe usana ngoLwesithathu waboshwa ngoLwesine oThongathi. Kuthiwa ubanjwe emuva kokuthi ecele ukubekelwa amanzi ashisayo komunye umuzi. Kuthiwa ubegobe amadlangala emzini thizeni ongasahlali muntu, eduze kwemizi yomntakabani.
Kuthiwa laba abanemizi kule ndawo basolile ukuthi kukhona okushaya amanzi ngomuntu ohleli nosana emzini ongahlali muntu bawuhlaba bawulawula.
Unina wosana olwebiwe uthe lo mzanyana wamthola ngesihlobo sakhe esasihlala naye emqashweni. Uthe ngendlela umzanyana abezwana ngayo nengane bamangele uma esekhala emuka nayo.
Ngesikhathi eboshwa ngoLwesine umzanyana, kuthiwa uvele njengomuntu ongathi uyadideka emqondweni ethi usana luwumzukulu wakhe.
Kulindeleke ukuthi umzanyana avele enkantolo ngoMsombuluko lapho okuzocaca khona ngendaba yekheli.