KUBE kuncane indawo kuklolodelana uMnuz Carl Niehaus nezintatheli ebezibhikisha ngaphandle kweNkantolo eNkulu eMgungundlovu lapho owayengumengameli, uJacob Zuma, ezishushisela umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo, u-Advocate Billy Downer, nentatheli yeziko lezindaba elibika ngesiNgisi.
Ezinye izintatheli bezinombhikisho onokuthula lapho bezizokweseka uzakwabo oshushiswayo njengoba zikholwa wukuthi ukushushiswa kwakhe kunyathela amalungelo abezindaba.
Intatheli eshushiswayo isolwa ngokushicilela ulwazi oluyimfihlo olumayelana nempilo kaZuma okuthiwa yalupotshozelwa nguDowner.
UNeihaus, ongomunye wabaphambili ekwesekeni uZuma, uvele waqonda ezintathelini ezibuza ukuthi kungani zeseka umuntu ophule amalungelo kaZuma.
Usole izintatheli ngokungawuqondi uMthethosisekelo.
Emva kokuhilizisana ngamazwi, izintatheli zigcine zinquma ukumfulathela uNiehaus, ogcine ngokujokola ngesikhathi ebona ukuthi akasanakwe muntu.Ngaphakathi enkantolo kuqhubekile ukuqulwa kwecala.
UDowner nentatheli bafake isicelo sokuthi kuchithwe amacala ababekwa wona.
Ummeli kaZuma, u-Advocate Thabani Masuku, ukuphikile ukuthi ukushushiswa kwentatheli kuyimizamo yokuvala imilomo abezindaba.
“Kuyiphutha ukuthi abezindaba bathi kunomkhankaso wokubavala umlomo. Le nto abayishoyo ngeke bakwazi ukuletha ubufakazi bayo lapha enkantolo. Uma bekhuluma ngamacala okushushiswa kwezintatheli, babala amacala angekho kuleli.
“Iqiniso wukuthi kuleli yinye vo intatheli eshushiswayo. Ukushushiswa kwentatheli eyodwa akusho ukuthi kunempi ebhekiswe ezintatheleni. Ngaleli cala uZuma akazami ukuvimba intatheli ukuthi yenze umsebenzi wayo.”
Omunye ummeli kaZuma, u-Advocate Dali Mpofu, uthe akusilona iqiniso ukuthi intatheli ayisakwazi ukubika ngokukhululeka ngenxa yokusatshiswa.
Ukusho lokhu emva kokuthi abameli bentatheli besole indodakazi kaZuma, uNkk Dudu Zuma-Sambudla, nokhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, iJacob G Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, ngokusongela intatheli ezinkundleni zokuxhumana.
“Angazi ukuthi bachaza ukuthini uma bethi intatheli iyasatshiswa. UZuma akakaze azame ukusabisa intatheli, nakhu namhlanje ikhona enkantolo, iyaqhubeka nokwenza umsebenzi wayo. Ngeke uZuma aphendule izinto ezibhalwa uManyi noNkk Zuma-Sambudla ezinkundleni zokuxhumana.”
Isimo besishubile enkantolo njengoba abameli bakaZuma nababamangalelwa bebebuye bajikijelane ngamazwi.
Bekuze kusize ukungenela kwamajaji abelalele udaba ukudambisa isimo.