USASHAQEKILE umndeni womfana ogxavunwe wabulawa yizinja zakubo ezimbili eGelvandele, ngoMsombuluko, emini.
UPriscilla Naidu okhulumela amaphoyisa uthi babizelwe kulo muzi ngo-1.15 emini.
“Umfana oneminyaka eyishumi ubesendlini nezinja nezinye izimbili ngesikhathi ehlaselwa. Akucacile kahle ukuthi yine eyenze izinja zamhlasela. Kuphoqeleke ukuba amaphoyisa azidubule izinja ngoba bezingamdedeli,” usho kanje.
Umgilwa kuthiwa ushonele endaweni yesigameko ngenxa yokulimala kabi.
UNaidu uthe kuvulwe idokodo lophenyo mayelana nokuholele ekutheni umufi ahlaselwe yizinja zakubo.
Abantu banikele ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukushaqeka ngalesi sehlakalo:
@NkosiJeromeZung: Kungani kungaqiniswa imithetho yobunikazi nokufuya lezi zinja?
@DesireTablai: Umbono wami uthi lezi zinja akufanele zivunyelwe ukusondela ezinganeni. Noma ngabe ziqeqeshwe kanjani, zinonya.
Modika Billy: Ngilinde laba abazothi ama-pitbull awanabungozi uma ekhuliswe kahle. Le nja ayinakho ukuziphatha futhi ayithembekile, ungayondla iminyaka kodwa izokubulalela ingane.
Sbusiso Lwazi Matomela: Okubuhlungu wukuthi ayimhlaseli umnikazi. Kuhlezi kuhlaseleka ingane, ingane kamakhelwane noma ezihambela emgwaqweni.