BAGQIGQA inkantolo abasolwa ngokukhwabanisa uR24 million wendawo yeshashalazi phambilini ebikade lisingatha uhlelo olusakazwa bukhoma lwama-Idols.
Ababengabasebenzi baseSouth African State Theatre (SAST), ePitoli nabanye abayisikhonbisa, baboshwe oKlebe.
Bathweswe amacala okungelokushintshana ngemali ngendlela engekho emthethweni, athinta inkohlakalo nokweba.
Okhulumela oKlebe, uColonel Katlego Mogale, babikelwa ngaleli cala ngoNovemba 2018.
UCol Mogale uthe kusolakala ukuthi abasebenzi ababili baseSAST beba imali yale ndawo ngesikhathi bekokotela indlela yokukhipha amathenda.
“Basolakala ukuthi babekade beshintsha ama-invoices basebenzise izincwadi ezinezimpawu zezinkampani ezazilinde ukukhokhelwa ngaphandle kolwazi lwazo. Basolwa nangokushintsha imininingwane yasemabhangi alezi nkampani bafake awezihlobo zawo okwaholela ekutheni bakhokhelwe uR24 million,” kusho uCol Mogale.
Bonke abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yamacala athinta imali ePitoli, ngoLwesithathu.
Le ndawo yeshashalazi phambilini ibijwayele ukusetshenziswa uma kuqoshwa bukhona uhlelo oluthungatha amakhono olukhonjiswa bukhoma kuMzansi Magic, ama-Idols.
Muva nje, lolu hlelo belusingathelwa eMosaiek Teatro, eseRandburg, eGoli.