KUBOSHWE nesosha ngesikhathi kubanjwa abasolwa ababili abasize imigulukudu eyisithupha yeqa emaphoyiseni ngoMsombuluko.
Uphiko oluthungatha abasolwa ngamacala okubulala nokugebenga eLimpopo lulandele umkhondo wabasolwa ababili abafunelwe amacala okweqisa iziboshwa.
NgoMsombuluko amaphoyisa abehambisa iziboshwa eziyisithupha zisuka ejele laseMakhado zibheke eSenwabarwana ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda amabili.
“Amaphoyisa alunywe indlebe ngabasolwa ababili abafunekayo, oyedwa kukholakala ukuthi ungumfowabo wesiboshwa eseqile, omunye uyilungu leSANDF. Laba basolwa bahlasele amaphoyisa ukuze kusizakale iziboshwa eziyisithupha zeqa,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Kulesi sigameko kweqe iziboshwa eziyisithupha, okunguForward Shumba 26,Shingirai Nyandome 32, Brilliant Sibanda 26, Erick Sithole 35, Moses Zambara 32 no-Alex Nkomo 35.
Laba basolwa ababili, okunguKedibone Albert Langa (38) oyilungu lombutho wamasosha kuleli noThabani Sibanda (28) ongowaseZimbabwe, bavele eNkantolo yeMantshi eLouis Trichardt, ngoLwesithathu.
“Babhekene namacala ahlukene, okubalwa kuwo ukusiza ekuphuleni umthetho, ukwakha itulo lobugebengu, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, ukuzama ukubulala, ukuphula umthetho, ukucekela phansi impahla nokukhomba ngesibhamu.”
Icala labo lihlehliselwe umhla ka- 22 kwephezulu ukuze amaphoyisa aqhubeke nophenyo. Laba basolwa bazogqunywa esitokisini baze babuyele enkantolo.
Abasolwa ababili abasize iziboshwa zeqa, babanjwe ngoLwesithathu eMosina. Batholakale nezimoto ezimbili, iMercedes Benz empunga neveni emhlophe iToyota.
Amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi ukuze kuboshwe lezi ziboshwe eziyisithupha ezeqile.
Onolwazi ngalolu daba angaxhumana noColonel Nyelisani Mabatha ku-082 565 8171.