UHULUMENI ukhokhe uR176 million enxephezela imindeni yabasebenzi basemayini ababayizisulu bedutshulwa amaphoyisa eLonmin, eMarikana ngo-Agasti 16, 2012.
KusanoR18 million wezinxephezelo osacutshungulwa. Udaba lwabantu abangu-10 abashona ngaphambi kwalolu suku isazofakelwa izibuko.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ethula umbiko wochwepheshe ngokusebenza kwamaphoyisa aqapha imibhikisho.
IKhomishini yeJaji u-Ian Farlam eyayiphenya ngezigameko zokubulawa kwabavukuzi abawu-34 eMarikarana, yaphakamisa ukuthi kuqokwe ithimba lochwephese elizophenya ngokusebenza kwamaphoyisa uma kunemibhikisho.
Ngo-2016, iKhabhinethi yaqoka ithimba lochwepheshe elaliholwa uJaji Vusumuzi Ntshangase, ongasekho.
Enye yeziphakamiso eziqukethwe kulo mbiko ongamakhasi angu-596 iPolicing and Crowd Management, ukuthi kucijwe amaphoyisa ngekhono lokwenza umsebenzi, anikwe izinsiza ezanele zokwenza umsebenzi, kuthuthukiswe indlela yokuziphatha kwawo futhi ibuyekezwe indlela okusetshenziswa ngayo izinhlamvu azisebenzisayo.
UCele uthe amaphutha enzeka eMarikana abaphoqa ukuthi bazinuke amakhwapha, bathatha isinyathelo sokulungisa lo monakalo. Uthe basebenzise uR598 million becija futhi bephucula indlela okusebenza ngayo amaphoyisa aqapha imibhikisho.
La maphoyisa anikwa o-ova, imibhobho, iziqophamazwi, amakhamera nezinye izinsiza ezizokwenza kube lula ukuxhumana. Uthe baphinde baqeqesha amaphoyisa angu-6 324 acijwe ngamakhono okusebenzisa ama-water cannon nama-stun grenade.
Uthe umbiko wochwepheshe uphakamisa ukuthi wonke amaphoyisa aqaphe imibhikisho mawabe ngaqeqeshelwe ukuba ahlinzeke ngosizo lokuqala.
Uthe nsukuzaphuma iba phakathi kuka-25 no-30 imibhikisho eNingizimu Afrika edinga la maphoyisa. Uthe uba munye noma mibili imibhikisho ephuma esandleni kodwa kugcine sekonakala umsebenzi omuhle owenziwa amaphoyisa.
“IKhomishini yaseMarikana icacisa ngokuthi kumele ibhekisiswe indlela yokuphatha, eyobuholi emaphoyiseni futhi kuphendulwe ngezenzo zamaphoyisa. Kuqalile ukubuyekeza kwemithetho ukuze kubhekwane nalokhu. Izincomo eziphakamiswe umbiko zizofakwa ngaphansi kweSAPS Amendment Bill,” kusho uCele.
Umthetho-sisivinywa uphakamisa ukuthi amaphoyisa akumele asebenzise isibhamu esizishintshayo uma kunemibhikisho. Kuzohlolisiswa abaqashelwa emaphoyiseni nawomasipala ukuthi abanawo yini amacala.
UCele uthe kuzoqiniswa nophiko oluphenya ngezenzo zamaphoyisa i-IPID ukuze lukwazi ukwenza ngempumelelo umsebenzi wayo.
UCele uthe iyacutshungulwa indlela okusetshenziswa ngayo izinhlamvu zenjoloba uma kunemibhikisho. Uthe okwamanje ngeke iyekwe kodwa kungabhekwa ukuthi ibanga okumele abe kulona odubulayo, kumele adubule kuphi futhi uma sekunjani.
Uphinde wanxenxa omasipala nezinhlaka ezimele imiphakathi ukuthi ziphendule ngokushesha izidingo zomphakathi ukuze kugwemeke ukuthi ungene emgwaqweni uzimbandakanye nemibhikisho enodlame futhi eyingozi.