ISILO uMisuzulu kaZwelithini sizibonele okokuqala selokhu singene esihlalweni isisusa samafindo angaqaqiwe kwezombusazwe KwaZulu-Natal ngesikhathi uSihlalo we-ANC esifundazweni uMnuz Siboniso Duma eyabula umbhobho kusakhuluma uNdunankulu wesizwe uMfu Thulasizwe Buthelezi. UButhelezi ubuye abe yilungu lesigungu esiphezulu se-IFP.
Lesi sigameko sithele ngechilo iSilo uMisuzulu noMengameli Cyril Ramaphosa kulo mcimbi wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo obukwaCeza ngempelasonto.
Ibabaza Inyosi yeSilo, uMnuz Buzetsheni Mdletshe, ebikhona, ithe ayikaze ihlangabezane nesimo esinje eminyakeni eminingi isebenza neSilo esesabuza uZwelithini.
UMdletshe uthe kufanele kushwelezwe njengoba kugcine kuchitheka igazi, kwashaywa namalungu e-ANC agcine elashwe ezibhedlela.
“Ingonyama noRamaphosa bathelwe ngegazi. Uma betholakala labo abenze lo mkhuba, kufanele baboshwe. Kodwa-ke obenze umcimbi kufanele ashweleze.”
Ukukhathazeka kukaMdletshe kuzwakaliswe nawungoti wezamasiko, nomhlaziyi wezepolitiki abakuchaze njengechilo ukudonsisana kukaMphathiswa (wezokuThuthukiswa koMnotho), uDuma, noMfu Buthelezi, phambi kweSilo noRamaphosa.
Umdonsiwano uqale ngesikhathi uDuma ephuca uButhelezi umbhobho wokukhuluma. UButhelezi, obezokwethula iSilo, uqale inkulumo yakhe ngokuncoma uRamaphosa ngokuhlonipha ubukhosi bukaZulu.
Inkinga iqale ngesikhathi uButhelezi ecela uhulumeni waKwaZulu-Natal ukuba ubukele kuRamaphosa, uhloniphe iSilo. UDuma uvele wasukuma wadumela umbhobho wokukhuluma ngesikhathi uButhelezi ebiza igama likanobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo.
“Cha ngeke besicela ukuthi sihloniphe umcimbi esize kuwona. Shenge sicela uhlale phansi, uyawona umcimbi weSilo.”
UDuma ube eseyalela Inyosi Mdletshe ukuba isukumise iSilo.
UMdletshe wenqabile, wathi umthetho awuvumi ukuthi kube nguye osukumisa iSilo ekubeni undunankulu kaZulu ekhona.
Lesi sigameko sicasule amabutho avele asukuma, akhuza izaga.
UButhelezi ugcine ewunikiwe umbhobho, wabe naye esekhuza izaga ezigadlayo. Izaga azibizile ngesithi, ‘wathinta amabhubesi’, esithi ‘ikhuzeni lenkukhu’, nesithi ‘wathinta uZulu udakwe yini’.
Impi yabaholi iqhubekile nangemuva kwenkulumo yeSilo njengoba kubonakale uDuma enqaba ukunikeza uButhelezi umbhobho ngesikhathi kufanele ethule isipho sikaRamaphosa.
UDuma ubonakale ezama ukuwunikeza iSilo umbhobho, kodwa ekugcineni wathathwa uButhelezi.
Ekhuluma neSolezwe, uchaze ngenqubo eyamukelekile ekwethuleni iSilo, wathi akukho emandleni akhe ukwenza lokhu.
“Uma engekho undunankulu kuyaye kuthathwe umuntu omdala endlunkulu, kube uye owenza lo msebenzi. Kuyenzeka-ke uma engekho omdala endlunkulu kuloyo mcimbi, bese kuba yinyosi eyenza lowo msebenzi. Naye ngimtshelile uMhlonishwa ukuthi umthetho awuvumi. Okungijabulisile ukuthi naye uButhelezi akasukanga wayohlala phansi. Uqhubekile wama, waze wagcina elitholile ithuba lokwenza umsebenzi wakhe.”
Ungoti wezamasiko, uSolwazi Sihawukele Ngubane, uthe okwenzekile kwehlisa isithunzi seSilo.
“Thina njengoZulu saziwa ngenhlonipho. Kuyasehlisa isithunzi seMbube noZulu uma kuzokwenzeka into enje phambi kweSilo. Kufanele ikhuzwe le nto. Uma iSilo sibukeleka phansi, noZulu uzobukeleka phansi.”
Umhlaziyi wezepolitiki wase-University of KwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, ubabhangqe ngabhadelinye oButhelezi noDuma ethi baziphathise okwezingane.
UNdlovu uthe uButhelezi bekungafanele afake ipolitiki emcimbini kahulumeni, wathi noDuma bekufanele azithibe.
“Basiphoxile, baziphathise okwezingane. UShenge uyena oqale leya nto. UDuma bekufanele amlinde aqede, bese eyamphendula.”
UNdlovu uxwayise ngokuthi ukuhlaselwa kwamalungu e-ANC kuzovusa izilonda ezingakapholi.
“Le nto abayenzile ifana nokubhebhethekisa umlilo oshayo. Izokwenza ukuthi kubhekwane ngeziqu zamehlo. Kubi ngoba le nto yenzeka sibheke okhethweni.”
ISilo sikhumbuze abebehambele umcimbi ukuthi siyiSilo samabandla onke.
“Ngingakaqhubeki nenkulumo yami, ngicela ukunikhumbuza nina beSilo ukuthi nonke njengoba nilapha, nonke ningabami.”