UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele uthi ukwakhiwa kwesiteshi samaphoyisa eManguzi, kuzolekelela ekulweni nokweqiswa kwezimoto umngceleni okudla lubi.
UCele uvule ngokusemthethweni isiteshi samaphoyisa esakhiwe kabusha sanwetshwa saba ngcono kunakuqala. Kuvulwa isiteshi nje, isifunda uMkhanyakude, sixakwe wubugebengu bokushushumbiswa kwezimoto emngceleni.
Kunezigebengu ezeba izimoto kuleli bese ziziwelisa ziye emazweni angomakhelwane anjengeMozambique. Kusolakala ukuthi kuneqeqebana elibamba inkunzi lithathe izimoto ezinkulu zidayiswe eMozambique.
Kugcine kutshalwa ithimba elikhethekile ukuthi liyozinza kule ndawo libhekane nalobu bugebengu.
UCele kuleli sonto ubenomkhankaso wokuvula iziteshi zamaphoyisa ezintsha esifundazweni.
Ungqongqoshe uvule ngokusemthethweni isiteshi samaphoyisa kwaDabhazi, KwaNongoma. Uphinde wavula isiteshi samaphoyisa eMelmoth, kulo leli sonto elifanayo, esinye eGamalakhe, ePort Shepstone. NeDonybroook ayisalanga ngaphandle. Ukuvulwa kweziteshi kuchazwe njengomzamo wokubhekana nenkinga yobugebengu edla lubi ezweni.
Ngaphandle kokuvulwa kweziteshi, uCele uke wazinza esifundazweni KwaZulu-Natal, ehamba ngohlelo lwezimbizo zokulwa nobugebengu ezindaweni ezehlukene.
Ubugebengu budla lubi KwaZulu- Natal, kanti amaphoyisa ayavutha abathela othulini abasolwa okuthiwa basuke bewadubula uma eyobabopha.