ITHEKU neLembe yizindawo ezisahamba phambili ngokusuleleka kwabantu ngeCovid-19 esifundazweni iKwazulu-Natal.
Usho kanje ngeSonto esithangimini sabezindaba eThekwini uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ngenkathi echaza ngezibalo zakamuva zabantu abahaqwe yigciwane iCorona kulesi sifundazwe.
Uthe uma lesi simo singanqandwa, isifundazwe singazithola sesisenkingeni yokusabalala kwaleli gciwane nakwezinye izindawo. Izindawo ezilandela iTheku neLembe ngobuningi bokusuleleka kwabantu uthe uMgungundlovu noThukela.
Uncome iZululand District, uMzinyathi neHarry Gwala njengezindawo ezisasuleleke kancane. Mayelana nokufa kwabantu ngesikhathi sokushicilela, uthe sekufe abantu abangu-61 KwaZulu-Natal, iningi labo okungabaseThekwini nakwiLembe.
"Njengoba sekuqale uJuni kube nokukhuphuka kwesibalo sabantu abahlaselwe yiCovid-19. Njengesifundazwe sesihlinzeke ngezindawo ezinemibhede engu-711," kusho uZikalala.
Ubale nokwenyuka okwesabisayo kwezigameko zabantu abatholakala bephambana nomthetho selokhu kuvunyelwe ukudayiswa kotshwala esigabeni sesithathu ikakhulukazi abatholakala beshayela bephuzile.
Mayelana nokuvulwa kwezikole, uZikalala uthe lesi sifundazwe sesikulungele ukuvula njengoba kulindelekile kusasa kodwa izikole ezingakulungele ngeke zivulwe.
JUST IN: KZN Premier S.Zikalala admits that some schools in the province are not ready to reopen tomorrow & they will delay their reopening until they meet all the Covid-19 health requirements. It appears the schools are in rural districts beset by water problems like Zululand.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mshengu, uthe izikole ezingeke zikwazi ukuvulwa kusasa, yilezo ezinenkinga yamanzi kodwa ezolungiswa ngokushesha.