ILENGELWA yizembe iMeya kaMasipala waseThekwini, uMnuz Mxolisi Kaunda, njengoba sekufakwe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bayo.
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe sifakwe yikhansela le-ACC, uMnuz Imtiaz Syed.
USyed ufuna isiphakamiso sidingidwe emhlanganweni womkhandlu ozokuba ngesonto elizayo.
Encwadini ayibhalele uSomlomo woMkhandlu, uMnuz Thabani Nyawose, uSyed uthe ufuna sidingidwe ngokushesha isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaKaunda.
USyed uthe uKaunda uhluleke wancama ukuhola umasipala, wabalula izinkinga eziningi ezikhungethe iTheku.
USyed ukuqinisekisile ukuthi usefake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaKaunda, kepha uzophawula kahle uma isiphakamiso sesigxiviziwe wuNyawose.
“Uma sesigxiviziwe, sizobe sesinesiqiniseko sokuthi ngempela sizobhungwa emhlanganweni wangesonto elizayo. Yilapho-ke ngizokwazi ukwenaba kahle.”USyed uphinde afune ukuthi kulalelwe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNyawose.
Iqembu likaSyed, i-ACC, lingelinye lamaqembu amancane asindise i-ANC ngesikhathi amanye amaqembu amakhulu aphikisayo efuna ukuyihlwitha uMasipala waseThekwini.
Kubukeka leli qembu seliyijikele i-ANC emva kokuxabana kwayo nobeyiphini lemeya, uMnuz Philani Mavundla, obehola amaqembu amancane.
Igoda phakathi kukaMavundla ne-ANC ligqabuke emhlanganweni womkhandlu obungonyaka owedlule, lapho ekhishwe khona ekubeni yiphini lemeya.
Isikhundla sephini lemeya sizovalwa namhlanje emhlanganweni womkhandlu ophuthumayo.
Kuvela ukuthi amaqembu aphikisayo ahlela ukusilwela lesi sikhundla uma sekuvotwa.Kuvela ukuthi amaqembu aphikisayo amakhulu angase aseke igama lekhansela le-IFP, uMnuz Mdu Nkosi.
UNkosi uveze ukuthi amanye amaqembu aphikisayo amcelile ukuthi avume ukungenela umbango wesikhundla.
“Lolu daba ngifike ngalubika kwinguyazana ebesinayo singamakhansela e-IFP kuMasipala waseThekwini, ngaphinde ngalubika nasekomitini le-IFP eliqapha ukusebenza kwabaholi beqembu abasezikhundleni. Njengamanje ngilindele impendulo yekomiti, ukuthi kube yilona elishoyo ukuthi kufanele senze njani emhlanganweni.”
UNkosi wahlulwa kancane embangweni walesi sikhundla emhlanganweni wokukhetha ubuholi bomkhandlu obungo-2021.
Kuvela ukuthi i-ANC yona izokweseka igama lekhansela leNFP, uNksz Zandile Myeni, ukuba lithathe isikhundla.
I-NFP ingelinye lamaqembu amancane avota ne-ANC kulo mkhandlu.Iphini likanobhala we-ANC esifundeni iTheku, uMnuz Nkosenhle Madlala, lithe baphoxekile ngokufakwa kwesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaKaunda.
“Siyibonile incwadi. Cishe inhloso lapha wukuziphindiselela mayelana nodaba lokukhishwa kukaMavundla, noma inhloso wukuthi lungabi khona uzinzo emkhandlwini.”
UMadlala uthe bona bayabethemba ubuholi bukaKaunda, bazosiphikisa isiphakamiso se-ACC.Uphinde waveza ukuthi bazokweseka oqhamuka emaqenjini amancane, ukuba athathe isikhundla sephini lemeya.
UMadlala uthe bebengakavumelani ngegama lomuntu abazomeseka njengoba ethe kusenezingxoxo eziqhubekayo.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaNyawose kayiphumelelanga, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.