KWENZIWE isiphakamiso sokuthi kushintshwe imithetho elawula ukugembula ngenxa yokwenyuka ngamandla kwezibalo zabakwenzayo.
Iziphakamiso zenziwe wumsunguli we-Banker X, uMnuz Koshiek Karan, obhalele iPhalamende incwadi.
Kule ncwadi uthe ucwaningo olwenziwe yi-National Gambling Board of South Africa lukhomba ukuthi phakathi kuka-2023/2024 kugenjulwe ngo-R1.1 trillion, okuyimali enyuke ngo-40% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
"U-27% wabagembulayo uthembela esibonelelweni sikahulumeni, u-31% uthathwa njengabantu abanenkinga yokugembula nokukhomba ukunyuka ngo-500% kusuka ngo-2017. Ukugembula akusekhona okokuzijabulisa kodwa sekubonakala njengento yokwenza imali futhi u-40% wabadlalayo ophinde ugembule ngemali oyiwinayo isikhathi esiningi udliwe. Izibalo ezibalulekile ziveza ukuthi lokhu kudlange kwabaneminyaka ephakathi kuka-24 no-34 kanjalo nasebesempeshenini," kubhala uKaran
UKaran, odume enkundleni yokuxhumana i-X ngokukhuluma ngezinto ezithinta imali, wenze iziphakamiso ezingu-15 athe zizovikela abadlayo, ukwenza isiqiniseko sokuthi imithetho yakuleli iyahambisana neyaphesheya nokuthi izinkampani zilandela imithetho.
Phakathi kwazo ubale ukuthi kunyuswe iminyaka evunyelwe ukuqala ukugembula ibe wu-21, ukunciphisa izindawo zokugembula kuma-app asemabhange, ukuba nomkhawulo kwabagembula ngemali yesibonelelo, ukuba nesikali sezikhangiso zokugembula ngezikhathi lapho abaningi bengazibona khona, ukukhipha izikhangiso zezinkampani zokugembula emajezini amaqembu ezemidlalo, ukubekwa kwesikali sokuthi umuntu angagembula ngamalini ngosuku, ngesonto noma ngenyanga bese izinkampani zenza isiqiniseko sokuthi lokho kuyalandelwa nokunye.