KUYAQHUBEKA eNkantolo eNkulu yaseThekwini ukukhishwa kwesinqumo ecaleni likanesi osolwa ngokuthenga izinkabi okuthiwa zabulala umyeni wakhe owayewunjiniyela ePinetown.
Ijaji elibambile, uSolwazi Bonke Dumisa liqale ngokuthi libuyekeze okwashiwo ofakazi boMbuso abayisithupha.
Uvele wakhihla isililo uNksz Zodwa Langa ongudadewabo kamufi ngesikhathi uDumisa ethinta ubufakazi abethulela inkantolo phambilini.
Uze waduduzwa amalungu omndeni wakhe afike nawo enkantolo bezokwethamela icala.
Bekukhona nezihlobo ebezizokweseka abamangalelwa okungoMnuz Nkosinathi Zungu nodadewabo kankosikazi kamufi, uNksz Nompumelelo Goncalves.
Abamangalelwa bathweswe icala lokuthumba nelokubulala okuhleliwe uMnuz Nkosi Tommy Langa owayewunjiniyela eTransnet ngoSpthemba 2020.
Kukhona nelokuphangwa kweveni kaLanga, i-Isuzu X Rider,ngendlakadla, namabili okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Ebufakazini uDumisa asebuthintile kukhona nobukaMnuz Siyabonga Mbedu.
UMbedu wayengumuntu wesithathu ukuba adayiselwae iveni eyayingadayiseki kanti uzoshiya umazisi wakhe phakathi owatholwa amaphoyisa eMgungundlovu kule moto eyayishiywe dengwane.
Kubikwa ukuthi awuthatha umazisi acinga ngawo uMbedu owafonelwa wabizelwa esiteshini samaphoyisa sasePinetown lapho afike waboshelwa khona.
Kuvela ukuthi wabe esechaza konke ayekwazi ukuthi uLanga ubulewe walahlwa ehlathini aoZwathini, eNdwedwe. Amaphoyisa kuthiwa abe esethungatha futhi abopha abathintekayo.
Omunye wabantu ababoshwa umngani kaZungu, uJames Mashudu Mthimkhulu. Walivuma icala wagwetshwa wase ephendula ufakazi woMbuso ezininda yena nabamangalelwa.