ISILO uMisuzulu kaZwelithini sizwakalise ukungenami ngesinqumo sikahulumeni waKwaZulu-Natal sokuhoxisa isivumelwano nenyosi engumeluleki eNdlunkulu ngaphandle kokuxhumana naso.
Esitatimendeni esithunyelwe ihhovisi likaNdunankulu kaZulu izolo, iNdlulamithi ithe uhulumeni wesifundazwe kawusazi nokuthi siyini iSilo.
Lokhu kulandela ukunqanyulwa isigubhukane kwenkontileka yoqweqwe lwenyosi, uMnuz Buzetsheni Mdletshe. ISilo sixwayise uhulumeni ngokungahloniphi umndeni waseNdlunkulu kanye neSilo sathi kufana nokufaka uZulu umunwe esweni.
Ngokwesitatimende, uMdletshe usazoqhubeka nokuhasha iNgonyama.
ISilo sesiyalele uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukuthi enze isiqiniseko sokuthi uMdletshe uyaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe waseNdlunkulu yize esediliziwe wuhulumeni wesifundazwe.
UMdletshe usebenza njengenyosi, aphinde abe ngumeluleki weMbube kwezamasiko. Ubeholelwa uhulumeni wesiifundazwe.
UMdletshe uneminyaka esondela ku-50 ehasha amakhosi aKwaZulu njengoba waqala ngesikhathi kubusa iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
NgoMsombuluko ihhovisi likaNdunankulu wesifundazwe sibhale incwadi ebhekiswe kuMdletshe ukuthi inkontileka yakhe izonqanyulwa ekupheleni kwale nyanga.
“UMdletshe ubambe iqhaza elibalulekile emikhosini yaseNdlunkulu. Uyena ovula imikhosi engcwele, umkhosi wokugezwa owenziwa ngaphambi kokuthi inkosi entsha ingene eSihlalweni nomkhosi wokweshwama,” kusho uNdunankulu weSilo.
Ngokuthola kweSolezwe, uMdletshe uthintwe isigijimi sehhovisi likaNdunankulu ngoLwesihlanu wabe esesihlangabeza emgwaqweni ngenxa yobubi bendlela ebheke ekhaya. Kuthiwa isigijimi sifike samnika incwadi yokunqanyulwa kwenkontileka ngaphandle kokuchaza okuningi, sase siyahamba.
Abaningi bakholelwa ukuthi uMdletshe wazidalela amazinyo abushelelezi ngokunqaba ukulandela umyalelo kaMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma ngesikhathi kunombango wombhobho emcimbini wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo kwaCeza.
Ngesikhathi uDuma eyabula umbhobho kusakhuluma uButhelezi, wayalela uMdletshe ukuba asukumise iSilo, kepha uMdletshe walandula, wathi inqubo iyamphikisa ukuthi angasukumisa iSilo ekubeni ekhona uNdunankulu kaZulu.
Abeluleki beSilo, uSolwazi Jabulani Maphalala noMnuz Philani Mavundla bazwakalise ukukhathazeka ngokunqanyulwa kwesivumelwano sokusebenza sikaMdletshe.
Esitatimendeni, bathe lokhu kushiya imibuzo ukuthi kungani kunqanyulwa izinto ezibalulekile kodwa kuyekwa imicimbi kahulumeni ewubukhazikhazi, okusetshenziswa kuyo imali ngezinto ezingathi shu kubalwa ubumnandi. Bathe kunzima ukungayamanisi lokhu nokunqaba kukaMdletshe ukwenza ayekuyalelwa wuDuma emcimbini wakwaCeza.
Kuthintwa okhulumela ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Bongi Gwala, izolo uthembise ukuthi bazokhipha isitatimende kepha kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengakasikhiphi isitatimende.
UMdletshe uthe inkontileka yakhe bekufanele iphele ngo-2025.
Ngokwencwadi evela kuhulumeni ehhovisi likaNdunankulu, inkontileka izonqanyulwa ngo-Ephreli 30 futhi isizathu kuthiwa wukushoda kwemali.
UMdletshe ubesewuholela ngenkampani yakhe umsebenzi awuqhuba eNdlunkulu, esesebenza njengetoho, okuwuhlelo olwenziwa ngemuva kokuthatha kwakhe umhlalaphansi ngesikhathi kusabusa uMdlokombane.
UMdlokombane wacela ukuthi uMdletshe aqhubeke njengetoho, ekhala ngokuthi usamdinga eduze kwakhe. Nangesikhathi kungena iNdlulamithi, nayo yanxusa ukuthi uMdletshe aqhubeke nokusebenza ngale ndlela.