I-NFP isizwakalise ukudumala ngokushona kwesinye sezishoshovu zayo eDumbe, uMnuz Sdumo Maseko.
UMaseko, obesebenza ehhovi lemeya yaseDumbe, uMnuz Sibusiso Mkhabela, ushone emva kokubandakanyeka engozini yemoto.
Ubengomunye wezinsika zeNFP eDumbe futhi ungomunye wababamba iqhaza elibalulekile ekusungulweni kwale nhlangano.
Ezinkundleni zokuxhumana, amalungu eNFP azwakalise ukushaqeka ngokudlula kwakhe emhlabeni.
Abaningi bancome ukuzinikela kwakhe ekukhuliseni iqembu.
Ubuholi besikhashana beNFP, buthe bugqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kukaMaseko.
Ilungu lePhalamende, uMnuz Ahmed Munzoor Shaik Emam, lithe uMaseko ubezinikele eqenjini nasekushintsheni impilo yabantu bakuleli lizwe.
“Wabamba iqhaza elikhulu ngesikhathi kusungulwa i-NFP. Sizohlezi simkhumbula ngokuzinikela kwakhe ekwakheni iNingizimu Afrika engcono nangokuzinikela kwakhe ekuyiseni iqembu phambili
“Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini kaMaseko, kumalungu eNFP eDumbe nakumalungu eNFP jikelele alahlekelwe wumholi oqotho. Sibonga umndeni wakhe ngokuthi usiboleke yena.”
UShaik Emam uthe bambalwa abaholi abayofika ezingeni likaMaseko.
“Kunzima kabi ukuthola abaholi abafana noMaseko. Ngiyakhala kakhulu ngokulahlekelwa wumholi onjengoMaseko, obezinikele emsebenzini wakhe. Silahlekelwe kakhulu.”
Uphiko lwentsha kwiNFP KwaZulu-Natal luthe belusalindele lukhulu kuMaseko.
UNobhala weNFP Youth Movement KwaZulu-Natal, uMnuz Athini Ndubelele, uthe bebelindele ukuthi uMaseko abambe iqhaza elikhulu ekwakhiweni kabusha kweNFP.
Njengamanje iNFP ilungisela ukuya engqungqutheleni yokukhetha ubuholi emva kokuthi ubuholi bayo obakhethwa engqungqutheleni eyedlule bachithwa yinkantolo.
UNdubelele uthe iNFP iyabadinga abaholi abanjengoMaseko esikhathini samanje ebhekene naso.
“Ukufa sekuphinde kwasiphuca elinye lamaqhawe ethu. Ubengumthombo wolwazi enhlanganweni. Ukushona kwakhe kusishaqisile kakhulu. Njengoba siqhubeka nokuhlonipha igalelo likaMaseko, sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe nasemalungwini eNFP. Akulahlekeliwe umndeni kuphela kodwa sonke silahlekelwe.”
Izinhlelo zomngcwabo azikamenyezelwa.