USOMLOMO woMkhandlu weTheku, uMnuz Thabani Nyawose, uthi kunezikhalo ezilethwe ehhovisi lakhe ngesikhekhelembana esishaywa ngamakhansela ngamavawusha okudla kwezaguga.
UNyawose ubike lokhu emhlanganweni wokhandlu wokugcina kulo nyaka obuse-ICC, eThekwini izolo.
Lolu daba lubangwe kakhulu, kucishe kwayophela ihora kuphikiswana ngalo, kujikijelwana ngamazwi ayiziswana. Kukhona nabebesola amakhansela ngokusebenzisa amavawusha ukucubuza amagabade kubavoti njengoba kubhekwe okhethweni.
Isolezwe lithole ukuthi le vawusha ibiza uR650 ngayinye kanti iward ngayinye ithole angu-500.
UNyawose uthe kunesikhalo ngokuthi kukhona amavawusha agcina engafikanga kwabafanelwe wukuwathola. Kuze kwavela isikhalo sokuthi amakhansela angenawo amawadi awaphethe nawo kufanele anikezwe amavawusha, kungabi ngaphethe amawadi kuphela.
USomlomo Nyawose udonse ngendlebe amakhansela ukuthi aqinisekise ukuthi amavawusha ahamba ngendlela.
“Ngiyawaxwayisa lawo makhansela angenzi kahle, ukuthi aqinisekise ukuthi ahambisa kahle amavawusha. Tholani indlela yokusebenzisana namakomiti amawadi ukusabalalisa amavawusha.’
Emuva kwalokho kusuke omkhulu umsindo kubangwa ukuthi yimaphi amakhansela okufanele anikwe amavawusha awasabalalise. Amakhansela abeqhoshelana ngokuthi lawo aphethe amawadi yiwona aphethe, bese kuthi lawo afakwe ngohlu lwamaqembu mawabe semuva.
IMeya uMnuz Mxolisi Kaunda ize yacela ukuthi udaba luphindiselwe ekomitini likasomlomo luyoxoxwa kabusha ngoba wonke amaqembu asuke emelelekile lapho.
Umbango uqhubekile kwajikijelwana ngamazwi, kwaze kwacasuka uSomlomo uNyawose, wathi ukuwabuyisela endleleni amakhansela abedloba.
“Bafowethu, ngiyanicela akuvumelekile ukuthi uma kukhona okungakuphethe kahle bese uchitha izandla kuzakwenu. Akuvumelekile ukuthi uma kukhuluma ikhansela umemeze, noma ngabe kunzima ukwemukela imibono yabanye abantu. Asilinde ithuba lethu,’’ kusho uNyawose.
Lubangwe njalo lolu daba kwaze kwafika lapho uNyawose enquma khona ukuthi amakhansela amawadi yiwona azoqhubeka nokusabalalisa amavawusha okudla kwezaguga. Kuzwakale amazwi amakhansela amaningi abenganelisekile, kwezwakala izwi lekhansela lesifazane lithi: “Yingakho benezisu ezinkulu nje.”
Kuphinde kwethulwa nombiko ngamakhansela e-EFF aphazamisa umhlangano, atholana phezulu namaphoyisa. Kuthiwa aqondiswa ubugwegwe, anikwe ithuba lokwenza izethulo bese kuthathwa isinqumo.