INHLANZI ishelwe ngamanzi kumhleli womcimbi iYakhuphuka Ingqwele Corronation, uThobani Makhaza, evinjezelwe ngabelaphi bendabuko namaciko e-Olive Convention Centre, eThekwini, ngoLwesihlanu ebusuku.
Ngokusho kwabasondelene naye, kuthiwa ukhohlise abantu ngokuthi uzoba nalo mcimbi abethi kuzobe kukhona neSilo uMisuzulu kaZwelithini kuwona, ebesizomemezela abawinile njengoba abebeqokiwe bebevota.
Emva kwesidididi esisuke e-Olive Convention Centre ngesikhathi kuvela ukuthi uMakhaza uqambe amanga ngokuthi uqashe le ndawo, kugcine kuvulwe necala lenkohlakalo esiteshini samaphoyisa eVerulam.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lenkohlakalo kodwa akekho osaboshiwe ngalo, kusaphenywa.
Enye yezinyanga, uBhongolwethu Mzozo odume ngelikaKhehlelezi, ebingenye yeziqokiwe, ize yaba nenkulumo bukhoma ekhasini layo, ivimbezele uMakhaza nabanye abebehlela naye umcimbi.
UKhehlelezi ubebabuza ukuthi babaqolelani njengoba kuvela nokuthi bebengayiqashile nendawo abebethi iyona okuzosingathelwa umcimbi kuyona.
Kule video uMakhaza ubengafuni ukuphumela obala, elokhu ekhale ngokuthi kube nezingqinamba abengafuni ukuzicacisa ukuthi ezani, elokhu exolisa. Nokuthi agcine ebanjiwe kule ndawo, kuthiwa ubefike ngokunyonyoba ehamba ngemoto yomngani wakhe kanti abantu abese begcwele kule ndawo bazombona ecashile emotweni, basho ukumudla bamfele.
UKhehlelezi kuthiwa uze waphuca uMakhaza enye yezimoto wathatha nencwadi yayo ngenxa yokuthi lo mhleli ubemkweleta imali okuthiwa ubeyiboleke ehlela lo mcimbi.
UZamokwakhe “Bhaka” Nzama wayelokhu ebaxwayisile abantu emakhasini akhe kwiFacebook ngalo mcimbi ungakenzeki, ethi bayaqolwa ngawo kodwa wabukeka njengomuntu onomona kanti lizogcina livelile iqiniso ngawo. Ezinye izinyanga zaphuma kuwona zabuye zabuyela.
Imizamo yokuthola uMakhaza ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe selokhu lwavalwa ngosuku lwesigameko. Okhulumela lo mcimbi, uMxolisi Manyoni, uthe uyaxolisa kakhuku ngokwenzekile.
“Bengiqashwe ukukhulumela umcimbi, okunye bengingakwazi njengokukhokhela indawo obekuzokwenzeka kuyona umcimbi. Nami bengingakakhokhelwa imali yami ebengithenjiswe yona.
“Okubuhlungu ukuthi abantu bashayela mina ucingo njengoba bekuyimina obelokhu evela ekhuluma kusuka kuqala izinhlelo zomcimbi. Okunye bengithi bakulungisile ngendlela kanti nami abangitsheli iqiniso ngezinye izinto,” kusho uManyoni.
Umcimbi kwaqala kwathiwa uzoba seMoses Mabhida kodwa kwavela ukuthi le ndawo yayingazange iqashwe, kwagcina sekuthiwe ususe-Olive Convention Centre nayo engakhokhelwanga. UMakhaza unomlando wokuhlela imicimbi okugcina kusuke umsindo kuyona njengoba kwenzeka ehlela ekaRebecca Malope, nawo ongabanga yimpumelelo.
Okhulumela indlunkulu, uMntwana uThulani, uziqhelelanisile nalo mcimbi, wathi akukho abekwazi ngokuthi iSilo besizoba yingxenye yawo.