BAZOJEZA abaphula imithetho elawula uMasipala waseThekwini ngokuqhumisa umathanda iziqhumane ngoNcibijane bebeka engcupheni impilo yabanye abantu neyezilwane.
Isexwayiso sikhishwe iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, esithangamini nabezindaba ngoLwesine.
Uthe abantu abalandele imigomo yedolobha ebeka izikhathi ezithile ukuthi bangaqhumisa ngazo iziqhumane.
“Bonke abazokhombisa ukungahambisani nemibandela nemithetho bazobe sebebhekana nengalo yomthetho. Bazokhokhiswa inhlawulo kuthi labo okufanele babhekane nejele babhekane nalo,” kuxwayisa imeya.
Uthe izingane ezineminyaka engaphansi kuka-16 azivumelekile ukusebenzisa iziqhumane ngaphandle kweso lomzali.
Uthe uma beyekelwa abantwana lokho kungadala umonakalo empilweni yabo nakwezabanye abantu.
Ugqugquzele nokuthi abantu bathenge iziqhumane ezitolo ezihlonziwe njengezesisemthethweni ngoba kuyingozi ukuthenga kunoma ikubani
“Kungaba yingozi ukuthenga kunoma ubani ozakhele esakhe isiqhumane ongasazi ukuthi uma sesiqhuma siyoba nomthelela ongakanani. Esinye isiqhumane singaqhuma sikhiphe umlilo kushe izindlu zabantu ngoba singahloliwe ukuthi singasetshenziswa abantu emphakathini,” kuchaza imeya.
Ubalule ukuthi aphephile amabhishi abo futhi ahlolwa kabili esontweni amanzi olwandle. Uzishaye isifuba ngokuba yiwona masipala kuphela ohlola amanzi awo ngesikhathi esifushane kanje.
Ukhuthaze abantu basebenzise amanzi ngokuwonga egcizelela ukuthi inkinga yokuntuleka kwawo ikhungethe izwe lonke.
Ukhuze nabaxhuma amathangi angojojo emapayipini kamasipala, wathi bancintela abanye amanzi.