UMFELANDAWONYE wezinyunyana, iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), ithi iBhange loMbuso kufanele liyehlise manje imalimboleko ngoba abasebenzi abasakwazi ukukhokhela izidingo zabo.
UMnuz Trevor Shaku okhulumela iSaftu, usho lokhu ngoLwesine emuva kokuthi umphathi weSouth African Reserve Bank (Sarb), uMnuz Lesetja Kganyago eyigcine ku-8.25% imali mboleko.
Okusho ukuthi inzalo ekhokhwa ngabantu uma beboleke imali emabhange izohlala ku-11.75%.
UKganyago uthe okwamanje imalimboleko isazohlala kulesi sigaba ekuso ngenxa yokuthi amandla emali asahleli ku-5.2%. ISarb ifuna abe ku-4.5% ngaphambi kokwehlisa imalimboleko.
“Amalungu amane ekomiti avotele ukuthi imalimboleko ihlale ku-8.25% kodwa amabili aphakamise ukuthi yehle. Sizobheka okwenzeka emandleni emali, emnothweni nakwamanye amazwe ngaphambi kokuthi sinyakazise imalimboleko. Kuhle ukuthi ugesi awusacimi njalo kodwa umnotho siwubona ukhula ngo-0.6% ngekota yesibili yalo nyaka,” kusho uKgangayo.
UShaku uthe sekuyisikhathi sokuthi iSarb yehlise imalimboleko ngoba abasebenzi bakhokha inzalo eningi ezikweletini zabo. Uthe umuntu onomuzi obiza uR1.3 million usekhokha inzalo ewu-R4.247 manje ngenxa yemalimboleko engehli.
“UKganyago uhlale ethi usiza abantu ngokungehlisi imalimboleko kodwa iqiniso wukuthi usiza abacebile ngoba yibona abakwazi ukonga njengoba isimo sinjena. Abasebenzi abakwazi ukonga, sebephila ngezikweletu ukuze bakwazi ukudla nokwenza ezinye izidingo,” kusho uShaku.
UMnuz Mervyn Abrahams wePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, uthe iBhange loMbuso alibacabangeli abampofu nabasebenzi ngoba ukuntenga kwamandla emali akusilo iphutha labo kodwa kungenxa yezimo abangakwazi ukuzilawula.
Uthe abampofu nabasebenzi bathwele kanzima ngoba kubiza yonke into eNingizimu Afrika.
Uphethe ngokuthi bazoqhubeka nokubhalela izinhlaka ezifanele bacele ukuthi kwehliswe imali mboleko.
Izazi zomnotho oSolwazi Bonke Dumisa noMnuz Siphamandla Mkhwanazi wakwaFNB, zithe akukho okuzimangazayo ngesinqumo sikaKganyago ngoba vele iSarb ayinyakazi uma amandla emali engekho esilinganisweni sayo sika-3% no-6%.