UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa kwaBantu eGauteng, uMnuz Lebogang Maile uthi bazolekelelwa bonke abashelwe yimpahla emlilweni obulale abawu-73, eMarshalltown, eGoli.
UMaile uthe ngeke bakhethe ukuthi ngumuntu wakuleli noma owangaphandle kodwa bonke abangenayo indawo yokuhlala njengamanje bazohlaliswa emabhilidini asesimweni esifanele ukuze bathole ukudla nolunye usizo oluphuthumayo.
“Akhona amabhilidi amathathu abazohlaliswa kuwona okwesikhashana. Ngeke sikhethe ukuthi ngabakuleli noma ngabokufika. Ibhilidi elishile ngelikaMasipala waseGoli kodwa bese liqhwagwe ngamasela aberentisa abantu,” kuchaza uMaile.
Kwabashonile kubalwa nezingane eziyisikhombisa, okukhona kuzo nebinezinyanga eziwu-18.
IMeya yaseGoli, uMnuz Kabelo Gwamanda, ithe bayazama ukuthatha amabhilidi kamasipala akade esedliwe yizigebengu ezihlalisa kuwo abantu ngenkani, bese zibakhokhisa kodwa akulula lokhu njengoba begcina sebeboshwa yizinhlangano ezisiza umphakathi.
Phakathi kwezinhlangano okuthiwa zibopha uhulumeni uma ezama ukubuyisa amabhilidi aphangwe yizigebengu, kubalwa iSocio-Economic Rights Institute (Seri).
Esitatimendeni sabezindaba, iSeri ithe ayikaze ibophe uMasipala waseGoli kodwa yayicelele ukuthi kuhlaliswe abantu abaswele ababili.
Ithe leli bhilidi elaziwa ngokuthi Usindiso Shelter for Women and Children, ligcina likulesi simo ngenxa yokuthi uMasipala waseGoli ubungalinakile.
Ithe kungaba kuhle ukuthi abaholi bepolitiki bayeke ukugxeka izinhlangano zomphakathi kodwa balungise amabhilidi njengaleli, ukuze abantu abampofu bakwazi ukuthola izindawo zokuhlala ezisesimweni esifanele.
UMnuz Robert Mulaudzi, obhekele uphiko lwezimo eziphuthumayo kuMasipala waseGoli, uthe ayikaziwa imbangela yomlilo njengoba izicishamlilo zisematasa nokubheka abantu nokuqinisekisa ukuthi ibhilidi lisesimweni esifanele sokuthi amaphoyisa azoqhuba uphenyo lwawo.
Izolo kushone ilanga amaphoyisa elivalile leli bhilidi njengoba engafuni ukuthi kube khona abangenayo, kuze kube kuphothulwa uphenyo.
UMengameli Cyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe, wafisela abasezibhedlela ukuthi basheshe balulame.
Uthe uyethemba ukuthi uphenyo luzokwazi ukuveza okudale umlilo bese, lusiza nomphakathi ukuba ugweme izinhlekelele ezinjena ngomuso.
Umholi weBuild One SA, uMnuz Mmusi Maimane, uthe akusona isikhathi sokukhombana ngeminwe lesi kodwa yisikhathi sokusiza abantu abashelwe nabashonelwe yizihlobo.
Ucele bonke abantu bakuleli ukuthi banikele nganoma yiluphi usizo abanalo kulabo abashonelwe, abashelwe yimpahla nezinye izidingo.