UMBIKO wokuthi izwe liboleke enye imali kwiWorld Bank, ukhomba ngokusobala ukuthi elakuleli libhukuda ezikweletini. IWorld Bank isanda kumemezela ukuthi iboleke izwe lethu imali ewu- US$ 1 billion, ongalinganiselwa kuR 19 billion.
Kuyaziwa ukuthi amandla edola aphezulu kakhulu uma eqhathaniswa nemali yakuleli. NgoFebhuwari nonyaka uhulumeni udalule ukuthi isikweletu sezwe singaphezu kukaR 4 trillion, wathi kulindeleke ukuthi senyuke ngenxa yengcindezi yezimali edalwa yi-Eskom.
Kujwayelekile ukuthi amazwe ikakhulu awase-Afrika, ahlale ngokuboleka imali emazweni angaphandle. Elakuleli linesikhungo esiqoqa imali iSars esenza konke okusemandleni kodwa intela ayaneli. Kugcina kuphoqeleka ukuthi kuyobolekwa ukuze izwe liqhubeke, lifeze izidingo zalo.
Okunye okufaka ingcindezi wukuthi izwe liphinde likhiphe izibonelelo okubalwa kuzo ukondliwa kwezingane, abadala. Muva nje, uhulumeni ukhipha isibonelelo sabangasebenzi esivele ngemuva kokugadla kweCovid-19, eyashiya kukhalwa kwaphela nemisebenzi.
Kubikwa ukuthi elakuleli liboleke imali ngenhloso yokubhekana nenkinga yokucishwa kukagesi exake izwe nephazamisa umnotho. Ukucishwa kukagesi kuyinsakavukela futhi kudingidwa zinsuku zonke kepha awukho umehluko.
Kwenzeka lokhu nje, izwe libishe ezikweletini. Kukhalwa mihla namalanga ngesikweletu sezwe ezinhlanganweni zomhlaba ezibolekisa imali.
Kuleli sonto amehlo abethe njo, odabeni lwemali nomnotho wezwe. UNgqongqoshe weziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ubethula umbiko wakhe wamaphakathi nonyaka wezimali. Wethula umbiko nje, kuvele kusabalele ukuthi izwe lisenkingeni yemali.
Ukufadabala komnotho wezwe nokushoda kwemali akuyona inganekwane noma into okufanele ibukelwe kude. Izwe eliwumakhelwane, iZimbabwe lisenkingeni yomnotho futhi sekunesikhathi eside isimo sibheda.
UGodongwana usanda kucashunwa exwayisa ngokuthi izwe lingase liphelelwe yimali uma isimo singabi ngcono futhi kufanele kube nekhambi ngokushesha.
Kusanda kuvela ukuthi uGodongwana uyalele iminyango kahulumeni ukuthi yenze konke okusemandleni ukonga imali ngokumisa ukuqashwa kwabantu nemisebenzi ethile. Lokhu kuthimulise izinhlangano ezehlukene kuleli, zikhala ngokuthi kuzoba nomthelela omubi kwabantulayo.
Ukubheda kwesimo semali kungaba nomthelela omubi emikhakheni eminingi, uma kubhekwa isimo sobugebengu ezwe. Abezomthetho badinga izinsiza ezengeziwe ukubhekana nesimo sobugebengu. Uma uhulumeni elandula lokhu kusho ukuthi izwe lisenkingeni. Intuthuko nokuhanjiswa kwezidingo kusalele emuva ikakhulu ezindaweni zasemakhaya lapho kuhlushekwa khona kakhulu.
Isikweletu sikahulumeni sakamuva, sithimulisa izinhlaka eziningi kuleli, phakathi kwazo kubalwa neSACP, enye yezinhlangano ezishaya amakhala. Ikhala ngokuthi uma izwe liboleka imali kusho ukuthi kusebenza imali yangaphandle engamadola nokudala inkinga enkulu. UNobhala - Jikelele weSACP uMnuz Solly Mapaila, uthe akuhambi kahle neze ngodaba lwesikweletu sezwe.
“IWorld Bank isiholela oPhathe, ifuna sicabange ukuthi imali esiyibolekayo iwusizo ekubeni kungelona iqiniso lokho. Le mali iyisikweletu okufanele sikhokhwe nenzuzo ezohambisana nezinye izindleko. Indlela okwenzeka ngayo, iyaphambana nomqulu we-ANC wokhetho wango-2019 esaba yingxenye ngesikhathi ubhalwa,’’ kukhononda uMapaila.
Uthe kuningi okubi okudalwa yisikweletu salolu hlobo esihambisana nemibandela engemihle ezweni.
“Inkinga yokuqala wudaba lwamandla emali ngoba amazwe esebenzisa imali engafani, kuphinde kuthinte isimo somnotho, ezepolitiki nokulahleka kwemigomo yokuzimela. Lezi zinhlangano ezibolekisa ngemali zisebenzisa amandla azo ukuqinela amazwe, lokhu kubonakele emazweni amaningi,’’ kuchaza uMapaila.
Iqembu eliphikisayo kuleli iDA, lithe kushiya imibuzo ukuthi izwe liphinde layothatha enye imali. I-DA ithe kufanele iWorld Bank ikwazi ukuthi uma kubolekwa imali ngenhloso yokuhlenga i-Eskom kufana nokuyiphosa emgodini.
“Sizobhalela iWorld Bank siyeluleke ngokuthi inciphise ukunika leli zwe imali ngoba lokhu kucindezela izwe elivele lithwele kanzima. Sizobhalela uGodongwana simcele ayibheke kabanzi indaba yokuboleka imali,’’ kusho i-DA esitatimendeni lapho ibiphawula ngesikweletu.
Izwe aliqali ukuboleka imali futhi kuke kwaduma ukuthi ngesikhathi seCovid 19, yabolekwa imali okungacacanga ukuthi yasebenza kanjani.
Nakuba elakuleli lingene lathi shi, esikweletini kodwa kungaba yihaba ukuthi kube sengathi yilona lodwa elibhekene nale nkinga. Akhona namanye amazwe asenkingeni yezikweletu njengoBurundi, Cape Verde, Cameroon, Central African Republic namanye.
Ngeke kwaphikwa ukuthi iziwombe ezifana nezibhelu zango-2021, iCovid 19, wukucima kukagesi nokunye kuliphundlile izwe kwezomnotho. Nakuba kunjalo kodwa kuyafuneka ukuthi uhulumei asungule amaqhinga okuthi isimo sibe ngcono ngoba abantu bakuleli bathwele kanzima kakhulu.