OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe "Umengameli Wamabhinca" Mchunu, uthe useyethemba ukuthi ezobulungiswa kuleli azichemile nabantu abathize ukucindezela abathize. UNgizwe ukhulume kanjena esithangamini sabezindaba emuva kokuphuma phambili emacaleni amathathu abewagqigqela eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli, izolo.
"Benzekile ubulunguswa. Sengibonile ukuthi umthetho aweseki abathize kuphela kodwa uhambisana nawo wonke umuntu."
Uthe uyazi ukuthi kukhona abese befuna ukufeza izinhloso zabo ngaleli cala ngoba behlose ukulwisana nowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.
"Kunabantu abafuna kuhlukumezeke wonke umuntu obonakala esondelana noZuma. Ngibulwelile ubulungiswa." UNgizwe unqobe icala lokwephula umthetho wokuvalwa kwezwe ngenxa yokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19 nokugqugquzela udlame emphakathini.
IMantshi uGayle Pretorius uthe uMchunu umthole engenacala ngenxa yokuthi ufakazi woMbuso, uColonel Mxolisi Nama, noMshushisi weNkantolo, uMnuz Yusaf Baba, bahluleke bancama ukuqhamuka nobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi uNgizwe wabagqugquzela kanjani abantu ukuba bavuke umbhejezane ngezibhelu zika-2021.
Uthe negama alisebenzisa elithi "Azikhale" akekho olichaze kahle ngoba uNama wathi lithi "Alibhubhe izwe" ekubeni uNgizwe ethe yigama elisetshenziswa uma kuzinanyelwe. Notolika wathi yigama elisho izinto eziningi. Okhulumela uPhiko lwezokuShushisa kuzwelonke, uPhindi Mjonondwane, ucashunwe eyivuma induku. "Sizosamukela isinqumo futhi sibheke nokwahlulela kwemantshi."
UNgizwe ubesolwa ngokubamba iqhaza ezibhelwini zikaJulayi ngo-2021 kodwa yena ubelokhu ethi wayephikisana nokuboshwa kukaZuma. Imantshi ithe enkulumweni kaNgizwe akukho lapho egqugquzela abantu ukuthi bashise izwe kodwa ulokhu ethi abahlale phansi babambe umthetho.
UNgizwe utheleke enkantolo ephahlwe nguZuma nomholi we-African Radical Economic Transformation Alliance (Areta), uMnuz Carl Niehaus, uMaDlamini wodumo kuTikTok nenyanga yaseThekwini, uMnuz Bhongolethu "Dr Khehlelezi" Mzo, kanye namabhinca.
Ngaphambi kokungena enkantolo, inyanga kaNgizwe, uMnuz Msongi Sithole, ibonakale nejazi laseZayoni elineziphambano ichela phambi kwamasango. USithole wayeshilo ukuthi uzolisukumela leli cala. Emakhosikazini kaNgizwe, kubonakale uMaNxumalo.