Usuyesaba umphakathi emva kokuba umfundi wokuqala kuleli kutholakale ukuthi uhaqwe iMpox.
Umfundi waseHammanskraal eGauteng ungowokuqala ukuhaqwa ilesi sifo. Isifo besidlange kwabesilisa abanemiyaka ephakathi kuka-17 kuya ku-43.
Ekuseni ngoLwesine iningi labantu lizwakalise ukuba novalo ezinkundleni zokuxhumana ngokusabalala kwaleli gciwane..
UDumisani Mazibuko kuFacebook, uphawule wathi: “Siyabhebhetheka manje lesi sifo”
UMthobisi Myende uthe: " Hhayi bo awucishwe lo mlilo"
UThobe Thobe uthe: " Shwele Nkosi ngenelela unqande lesi sifo kodwa soneni kangaka.
Kuke kwaba nokudideka mayelana neqiniso ngemiphumela yalo mfundi ofunda uGrade 1 esikoleni i-Iketleng Primary, eHammanskraal. Ekuseni uMnyango wezeMfundo eGauteng ukhiphe isitatimende uthi umfundi uhaqwe iMpox. Akuphelanga sikhathi esingakanani wakhipha esinye wathi isitatimende sikhishwe ngaphambi kokuthi isikhungo esibhekele izifo ezithathelanayo, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD) siqinisekise imiphumela yakhe.
UMnuz Steve Mabona okhulumela uMnyango wezeMfundo, uthe abazali bomfundi bazise isikole ngemiphumela yomfundi ngoLwesibili, bathi umfundi uke wavakashela izihlobo ebezinezimpawu zeMpox eNorthern Cape ngempelasonto edlule. Ngemuva kwezinsukwana naye ube nezimpawu wahlolwa kwaqinisekiswa ukuthi uhaqekile. Kuleso sitatimende uthe uMnyango wezeMfundo ngeke usakhuluma ngalolu daba kuzokhuluma owezeMpilo.
Ntambana, uMphathiswa wezeMfundo eGauteng, uMnuz Matome Chiloane, uqinisekise ukuhaqeka komfundi. Ucele abazali bezingane ezike zasondelana naye ukuthi baxhumane nesikole ukuze zihlolwe ukuthi azithelelekanga yini.
"Ithimba le-Integrated School Health Programme (ISHP) lizovakashela esikoleni ukuze lifundise ngalesi sifo nangokuhlolwa kwaso. Siyaqonda ukuthi lokhu kungase kudale ukukhathazeka kubazali kodwa siyabaqinisekisa ukuthi lesi simo sisisingethe ngokucophelela okukhulu.” kusho uChiloane.