ZIYAQONGA izinkinga ngenxa yokusocongwa ngokulandelana kwezikhulu eziphezulu ophikweni lwamanzi nenhlanzeko kuMasipala waseThekwini.
Kuvela ukuthi isikhulu ebesibambile kulolu phiko sishiye isigubhukane emva kokusocongwa kozakwabo.
Kuvela nokuthi sekuphazamiseke nokusebenza kwalolu phiko njengoba abasebenzi besabela impilo yabo.
Kushiye isigubhukane obebambe njengesikhulu esiphezulu kulolu phiko, uMnuz Mthunzi Gumede.
Leli twetwe liqubuke emva kokusocongwa ngokulandelana kwezikhulu ezikulolu phiko.
Bayisihlanu abasebenzi bakulolu phiko abasocongiwe esikhathini esingengakanani.
Ngeledlule, kusocongwe uMnuz Emmanuel Ntuli, obeyibamba kwesemenenja yePlants and Logistics kulolu phiko.
Ezinyangeni ezedlule, kwabulawa uMnuz Khumbulani Khumalo, owayeyimenenja yemisebenzi yomphakathi nenhlanzeko.
Ngonyaka owedlule, kwabulawa uNksz Phumzile Qatha, owayeyinduna ophikweni lwezimoto zamanzi.
Abanye abasebenzi bakulolu phiko ababulewe uMnuz Sydney Qwabe noNkosinathi Ngcobo.
Lolu phiko lunesabelomali esikhulu njengoba kulo nyaka wezimali lwabelwa uR1 billion.
Ngaphansi kwalolu phiko kunenqwaba yabasebenzi nempahla yomkhandlu ebizayo, okukhona kuyo izimoto zamanzi, ogandaganda namaloli.
Emva kokusocongwa kukaNtuli, obebambe njengesikhulu esiphezulu ophikweni, uGumede, ulaxaze umsebenzi.
UGumede ukuqinisekisile ukushiya kwakhe, kepha wanqaba ukudalula izizathu.
Yize uMasipala waseThekwini ukuphikile ukuthi ukusocongwa kwezikhulu sekuholele ekuphazamisekeni kokuhanjiswa kwamanzi, umthombo ongaphakathi uthe abasebenzi sebeyasaba ukusebenza ebusuku.
“Sekuba inkinga uma kufanele kuphume izimoto ezihambisa amanzi. Abashayeli baba madolo nzima ukuphuma uma sekuntambama. Benza isiqiniseko sokuthi abahlwelwa endleleni. Uma umuntu ebona ukuthi kuzohwalala esesendleleni, uvele akhethe ukungaphumi.”
Okhulumela umasipala, uNkk Gugu Sisilana, uthe ukuhanjiswa kwezidingo akukaphazamiseki.
Uthe ukuhanjiswa kwezidingo kuyaqhubeka njengenjwayelo, waveza ukuthi umasipala usalinde uphenyo lwamaphoyisa ngokusocongwa kwezikhulu zomkhandlu.
“Umasipala angeke uthande ukuqagela ngembangela yokusocongwa kwabasebenzi.”
Usihlalo wekomiti lezokuhlaliswa kwabantu nengqalasizinda kumasipala, uMnuz Themba Mvubu, uthe uke wathola umbiko wokuphazamiseka kokuhanjiswa kwamanzi eMahlongwa.
UMvubu uthe utshelwe ukuthi umshayeli wemoto yamanzi uyesaba.
Eqhuba, uthe kunezinkulumo zokuthi ukusocongwa kwabasebenzi kulolu phiko kuyamene namathenda okuhanjiswa kwamanzi.
“Uyacabanga njengoba umasipala usanda kuthenga amaloli amanzi angu-55, izokuba khona inkinga.”
UMvubu uthe usalindele ukuthola umbiko ogcwele ngokuqhubeka kulolu phiko.
Okhulumela i-ANC kwisifunda iTheku, uMnuz Mlondi Mkhize, uthe bakhathazekile ngesimo esiqhubeka kulolu phiko.
“Isimo okuzodinga ukuthi sisukunyelwe ngokushesha lesi. Isimo esinje lapho kunokwesaba, senza ukuthi abasebenzi bangasebenzi ngokukhululeka. Lokhu kuphazamisa izidingo.”