USEQALA ukushaywa wuvalo manje unogada wasepulazini lakwaShabalala, eMgungundlovu, kulandela ukuthola isidumbu sesihlanu ngoLwesihlanu silahlwe epulazini asebenza kulo.
Elandisa Isolezwe, uMnuz Yekumona Madlala, uthe sekukaningi ethola izidumbu zabantu ababulewe emsebenzini wakhe.
Esigamekweni sakamuva, uthe ubehamba ehlola epulazini ngezikhathi zasekuseni njengenjwayelo ngesikhathi eqaphela ukuthi kunephunga le nto esithanda ukubola alizwayo.
“Ngiqale ngazitshela ukuthi mhlawumbe yimbuzi efile ngoba kukhona nemfuyo kuleli pulazi elinomoba. Ngiqhubekile ngabhekisisa nxazonke. Ngithe uma ngithi nhla, nasi isidumbu somuntu,” kusho uMadlala.
Uthe isidumbu bekubonakala ukuthi ngesomuntu kodwa engasabonakali ebusweni nenxa yokonakala.
“Ubuso bese bugcwele izilwane kodwa esagqokile. Izinyawo nezandla ngathi bekuboshiwe ngemuva, esawugaxile nobhaka wakhe emhlane,” kusho uMadlala othe izingubo ebezigqokwe wumufi, bese zomelele igazi, zikhombisa ukuthi wafa ngokubulawa.
Uthe usola ukuthi wabulawa ndawana thizeni, wase ezolahlwa epulazini asebenza kulo ngoba akukho okukhombisa ukuthi ulinyazwe lapho amthole khona.
Uthe seziyamthusa lezi zigameko.
“Emasontweni amathathu kukhona omunye naye obelinyazwe ngendlela efanayo, naye engimthole endaweni ethi ayifane. Kuleso sigameko, nakhona ngathi ngihlola epulazini ngabona kuvele isicathulo. Ngithe uma ngithi ngiyasihosha, ngabona ukuthi akusona isicathulo sodwa kodwa wumlenze womuntu,” kusho uMadlala, othe akabange esaqhubeka, wabiza amaphoyisa.
Uthe nasezinyangeni ezihlanu ezedlule, sikhona futhi isidumbu asitholile.
“Amaphoyisa aseMountain Rise aseyangazi. Uma ngiwathinta asevele asho ukuthi ngabe sekukhona yini futhi omunye osumtholile,” kusho uMadlala.
Uthe useqala ukusola ukuthi yizigilamkhuba ezizodwa eziqotha abantu bese bezolahlwa epulazini.
Imizamo yokuthola umnikazi wepulazi ayiphumelelanga.
Umthombo weSolezwe oyiphoyisa elisebenza esiteshini samaphoyisa eMountain Raise uthe akusona isidumbu sokuqala lesi ukutholakala kuleli pulazi. Uthe bahlalelwe ukuthi baphenye ngalesi sidumbu.
Isolezwe lizibonile izithombe zesidumbu ebesesonakele.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakatholakkali ukuphawula.