UBE yimpumelelo umkhankaso kaMasipala waseGoli oholwa ngokubambisana noMnyango wezaseKhaya namaphoyisa omgwaqo ngesikhathi kubanjwa abasebenzisa irenki engekho emthethweni.
IKhansela likaMasipala waseGoli elibhekelele umnyango wezokuthutha, uMnuz Kenny Kunene wenhlangano iPatriotic Alliance, uthi bathole isimanga ngesikhathi bezithela kwirenki yamabhasi eholwa ngowesilisa waseZimbabwe edolobheni laseGoli.
“Sithole isimanga ngesikhathi siphume umkhankaso wokukhuculula idolobha laseGoli ngesikhathi sithola ukuthi kunerenke yamabhasi iPowerhouse okuthiwa ngeyomuntu odabuka eZimbabwe,” kusho yena.
UKunene uthi bazwe ngabantu futhi babone namaphepha amabhasi asebenza kule ndawo aveza ukuthi lawa mabhasi kumele asuke edolobheni laseHarare aqonde kule ndawo ebizwa ngePowerhouse.
Lokhu kuphambene nomthetho wakuleli ngoba mabili kuphela amarenki asemthethweni eGoli okuyiwona asetshenziswa ngamabhasi asuka kwamanye amazwe ase-Afrika.
Uthe bazamile ukuthola owesilisa ongumnikazi wale renki okuthiwa nguyena umakhonya futhi nguyena owavezela uhulumeni waseZimbabwe ukuthi amabhasi asuka kuleliya lizwe kumele aphelele kule ndawo.
“IPark Station neFleet Africa yizona ziteshi ezimbili ezisemthethweni eGoli, ukuthi izithuthi eziqhamuka kwamanye amazwe kumele ziphelele khona. Uhulumeni waseZimbabwe ube nobudedengu ngokungazami ukuthola ulwazi mayelana nendlela yokusebenza kwamabhasi asuka ezweni labo,” kuqhubeka uKunene oveze ukuthi akakugqizi-qakala okungashiwo ngaye ngoba iNingizimu Afrika inenkinga yabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho kodwa abachanasayo.
Uqhubeke wathi kungumsebenzi wakhe njengekhansela elibhekelele ukusebenza kwezokuthutha eGoli ukuqinisekisa ukuthi konke okwenziwayo kuhambisana nomthetho.
UKunene uthi kuboshwe amabhasi amathathu abesebenza ngokungemthetho. Uthi elilodwa line-permit elikhomba eBosman ePitoli, nokuyilapho okumele liphelele khona, kodwa litholakale lipake eGoli kungaziwa ukuthi lifike kanjani.
Ubuye waveza ukuthi kuboshwe nabanye abokufika abebesebenza ngokungemthetho njengoba bengenayo imvume yokuba eNingizimu Afrika.
#OperationRestore also saw the impounding of several illegally-operated buses believed to be owned by a Zimbabwean millionaire. Kenny Kunene says the Zimbabwean government was supposed to engage the City of Joburg to establish which bus ranks are legal.https://t.co/K5xOROVmUf pic.twitter.com/eurBOutviF
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) July 9, 2023