‘UKUNGALINGANI okudalwa ububha, ubulili nokuthi umuntu uhlala kuphi kwenza umgqigqo wokulwa negciwane lengculazi kuleli, ungahambi ngesivinini esifanele.’
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phaahla, ngesikhathi ethula inkulumo izolo ngoSuku lweNgculazi eMhlabeni, iWorld Aids Day, enkundleni yezemidlalo iPetrus Molemela, eFree State.
Uthe isiqubulo nonyaka esithi Kumele kube nokulingana ukuze impi yokulwa naleli gciwane inqontshwe, sisho ngqo okwenzeka eNingizimu Afrika.
"Emhlabeni wonke kunokungalingani kwabantu, nathi siyiNingizimu Afrika sinenkinga efanayo. Abantu abahlala emakhaya, emalokishini, abesifazane, abathandana nabobulili obufanayo nabahluphekayo, basabhekana nezinkinga zokungalingani. Sidinga ukuthi sifake umfutho ofana nebesinawo ngesikhathi silwa neCovid-19, ukuze sikwazi ukunqoba iHIV," kusho uNgqongqoshe uPhaahla.
Uqhube wathi ukuhlasela kweCovid-19 kuphazamise izinhlelo zokulwa naleli gciwane okuhlanganisa nokulandelwa kwamasu okulwa nalo abuyekeziwe, okushiye ngaphandle abanye abantu ebekumele ngabe sebeqale imishanguzo.
INingizumu Afrika ibizibekele ukuthi ngo-2025, u-95% wabantu bakuleli babe sebeyihlolele HIV, u-95% wabantu abanaleli gciwane babe sebeqale ukudla imishanguzo, bese kuthi u-95% wabadla imishanguzo, igciwane leHIV egazini labo libe lingasakwazi ukuziphindaphinda, okwaziwa nge-95-95-95 strategy.
Uthe izibalo zanyekenye zikhomba ukuthi u-85% wabantu bakuleli abasaziyo isimo sabo seHIV, u-88% wabantu okutholakale ukuthi bane-HIV udla imishanguzo yokuthithibalisa igciwane kanti u-92% wabadla imishanguzo, igciwane alisaziphindaphindi egazini labo.
"Uma singakwazi ukwehlisa isibalo sabasha abatheleleka ngegciwane singakwazi ukulinqoba ngo-2030. Enye inkinga esinayo eyokuthi sikwazi ukuhlola abantu ukuthi abanalo yini bese beqala imishanguzo ngoba abantu basesaba ukuzihlola ngoba kusenokucwaswa kwabanegciwane ngakho bancamela ukungazihloli nabazihlolile bayesaba ukuqala imishanguzo ngoba babona ukuthi bazocwaswa,"kwenaba uDkt Phaahla.
UNkk Eva Kiwango, womkhandlu wengculazi emhlabeni i-UNAIDS, uthe kuyihlazo ukuthi kunezingane ezisatheleleka ngeHIV ngesikhathi zibelethwa eNingizimu Afrika, ekubeni kunososayensi abasezingeni eliphezulu kangaka.
"Akusamele ukuthi ngabe kunabantu abasabulawa yiHIV ngoba imishanguzo ikhona. Kuyasijabulisa nokho ukuthi iNingizumu Afrika, nayo iyingxenye yamazwe omhlaba asembhidlangweni wokuthi kuqedwe igciwane ngo-2030," usho kanje uNkk Kiwango.
Omunye wosihlalo bomkhandlu wengculazi kuleli, uMnuz Steve Letsikeuthe, uthe kuyajabulisa ukuthi kunoxhaso lwemali oluvela kwamanye amazwe lwezinhlelo zeHIV kodwa leyo mali akumele kube iyo edala ukuhlukana kwabantu bakuleli, ngenxa yokuthi isiyabangwa.
Inxusa le-United States kuleli, uMnuz Ruben Brigety II, lithe izwe lakhe lizibophezele ekutheni lixhase iNingizimu Afrika ngemali yokuqinisa izinhlelo zokulwa neHIV.
"Ukubambisana kwethu neNingizimu Afrika, kwaqala ngo-2003 kuze kube manje sisabambisene. Ekubambisaneni kwethu baningi abantu baseNingizimu Afrika asebezihlolele iHIV, baqala imishanguzo okusiza ekutheni bangasakwazi ukuthelela abanye abantu ngegciwane," kusho yena.