ININGI labantu abasebenzisa imishanguzo yokuvikela ukutheleleka ngegciwane lesandulela ngculazi, ipre-exposure prophylaxis (iPrEP) bayayiyeka ngemuva kwezinyanga eziyisithupha beqale ukuyisebenzisa.
UDkt Sinead Delay, obekhuluma engqungqutheleni yengculazi, i-11th SA Aids Conference, eqhubekayo eThekwini, uthe ngesikhathi kuqala uhlelo lwePrEP bangu-2.2 million abantu abangena ohlelweni lokuyisebenzisa emhlabeni kodwa ngemuva kwezinyanga eziyisithupha u-41% wayeka ukuyisebenzisa usukhathele ukuphuza amaphilisi zonke izinsuku. U-31% wabo ngabantu abasha namantombazane asemancane.
UDkt Delay nabanye ososayensi bebeshiyelana inkundla bebheka ukuthi ngabe iNingizimu Afrika ikuphi nezinhlelo zokwelapha iHIV.
"Imithi ewumjovo ingasiza kakhulu ngoba abantu abaningi bayenqena ukuphuza amaphilisi nsuku zonke kodwa eNingizimu ye-Afrika udaba lokuthi kusetshenziswe imithi ewumjovo lusenzima ngoba kusamele kubhekwe ukuthi leyo mijovo iyimalini uma kubhekwa ukuthi amazwe ase-Afrika awanayo imali eningi. Okunye okuqaphelekayo ngocwaningo olwenziwe ukuthi abantu base-Afrika bayawuthanda umjovo kanti abase-America bathanda amaphilisi okusho ukuthi imithi kumele ibe yizinhlobo eziningi njengezinsiza zokuhlela umndeni ukuze umuntu akwazi ukuzikhethela okuzwana naye," kusho yena.
USolwazi Francois Venter, wophiko lwezempilo eWits University, Ezintsha, uthe nakuba kunegidigidi ngemishanguzo ewumjovo, abanye abazi ukuthi lowo mjovo ubuhlungu futhi uma uwusebenzisa kuyodingeka ukuthi ujove ngawo esinqeni esisodwa ukuze usebenze kahle.
"Okuhle ngomjovo ukuthi awunawo umthwalo wokuthi uhlale uhamba nawo njalo njengamaphilisi kodwa njengamanje okunye okumele kubhekwe ukuthi ngabe izwe elinjengelethu lingakwazi yini ukuthenga imijovo yokuvikela nokwelapha iHIV ngoba okwamanje iyabiza," kusho uVenter.
Uthe elinye ithemba elikhona ukuthi njengoba izinto zishintshashintsha kungenzeka kube namaphilisi aphuzwa kanye ngesonto nomjovo ojovwa kanye ngemuva kwezinyanga eziyisithupha.
Uthe okunye okumele kubhekwe ngeso elibanzi njengoba sekunabantu asebebadala abadla imishanguzo ethithibalisa iHIV abanezifo ezingamahlalakhona.
"Kumele sazi ukuthi sibhekana kanjani neziguli ezidla imishanguzo yokuthithibalisa iHIV neminye imishanguzo yezifo ezingamahlalakhona. Okunye okusemqoka okumele sikwazi ukuthi imishanguzo ethithibalisa iHIV iyakhuluphalisa, akukhathalekile ukuthi umuntu uyazivocavoca noma qha. Kwabazivocavocayo uba khona umehluko kodwa iningi labantu kuleli abawunyakazisi umzimba. Okunye okunomthelela ukudla okudliwayo," kusho uVenter.