INYUNYANA yamaphoyisa, iSouth African Policing Union (Sapu), idonse ngendlebe uNgqongqoshe wamaPhoyisa omusha, uMnuz Senzo Mchunu, ukuthi angalinge aphume emzileni wakhe wokuba ngungqongqoshe.
ISapu ikusho lokhu izolo ngesikhathi yamukela uMchunu kulesi sikhundla emva kokuqokwa kuso nguMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngeSonto.
Oyibamba lokhulumela iSapu kuzwelonke, uMnuz Jabu Mabena, uthe kuzofanele uMchunu angagxambukeli emsebenzini wamaphoyisa njengoba ukusebenza kwawo kungesiwo umsebenzi wakhe.
“Ukusebenza kwamaphoyisa kubhekene nokhomishana wawo kuzwelonke. Asimfuni uNgqongqoshe wamaPhoyisa ozoziphathisa okukakhomishana wawo,” kusho uMabena.
Nokho uveze ukuthi bayabethemba ubuholi bukaMchunu njengoba beke basebenzisana kahle naye ngesikhathi esengungqongqoshe woMnyango weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha.
UMchunu waphatha lo mnyango phakathi kuka-2019 no-2021.
“Indlela ayewuphethe ngayo lo mnyango, ebonisana nezinhlaka ezifanele, yadlala enkulu indima ekuxazululweni kwezithinta izisebenzi zikahulumeni. Sasithi uma sidingida izingqinamba naye kwiPublic Service Co-ordinating Bargaining Council (PSCBC), wayekhombisa ukuthi uyindoda ongayethemba,” kuchaza uMabena.
Isikhundla esithathwa nguMchunu besiphethwe nguMnuz Bheki Cele kusuka ngo-2018.
UMabena uphinde wathi bayakwemukela ukuqokwa kukaDkt Pieter Groenewald njengoNgqongqoshe wezobuLungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo.
Uthe uDkt Groenewald akamusha kangako emkhakheni wezokuphepha njengoba eke waba yingxenye yekomiti lamaphoyisa ePhalamende.
“Sifuna ukumnika ithuba ukuthi azibonakalise amava akhe eMnyangweni wezobuLungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo. Ziningi izingqinamba kulo mnyango. Inkinga yokugcwala ngokweqile kwamajele akuyona yodwa into esifuna ayisebenze ngokushesha, siphinde sibe nenkinga yokushoda kwezisebenzi kulo mnyango,” kusho yena.
Uthe isibalo seziboshwa ezibhekwa wujele ngamunye eNingizimu Afrika siyazedlula izibalo ezibekiwe ngokusemthethweni nokwenza kube nzima ukuthi ojele benze umsebenzi wabo ngendlela.
Lo mnyango othathwa nguDkt Groenewald ubuphethwe nguMnuz Ronald Lamola iminyaka eyisihlanu kusuka ngo-2019.
Okhulumela inyunyana yamaphoyisa, iPopru, uMnuz Richard Mamabolo, ekhuluma neNewzroom Afrika, uthe bona abasinaki kakhulu isiqu somuntu.
“Esikhathazeke ngakho thina ukuthi iSAPS izokushintsha kanjani ukwenza kubhekwe phambili ngoba ibe nezingqinamba eziningi,“ kusho uMamabolo.
Uthe okunye okubakhathazayo ukuthi amaphoyisa awakaze abe nokhomishana wawo kuzwelonke osiqedayo isikhathi asuke esibekelwe ukuthi asihlale ehhovisi.
“Leyo nto ibanga ukuthi lungabi khona uzinzo kwezokuphatha. Ukuqokwa kwakhe (uMchunu) kufike ngesikhathi amaphoyisa ebhekene nesihlava sokubulawa kwawo, ukungabibikho kwezinsizakusebenza kanjalo nobuhixihixi ekukhushulweni kwamaphoyisa ezikhundleni,” kusho yena.
Uthe uthola iphoyisa lihlala esikhundleni esisodwa kuze kuphele iminyaka eyishumi.
“Konke lokhu sifuna kulungiswe, okufaka phakathi nokubuyekezwa kwendaba yemali yezokuphepha kwamaphoyisa, okulokhu kudonsa ngonyawo lonwabu kusuka ngo-2003,“ kusho uMamabolo.