KUTHOLOZA isomi esitokisini ekhanseleni le-IFP kuMasipala i-Alfred Duma, eMnambithi eliboshelwe ukuvithiza umuntu ngebhawodi waphambana imihlathi. UMnuz Khulekani Mdluli (35) oyikhansela laku-ward 7, usezikhindini kulindeleke ukuthi acele ibheyili.
Kuthiwa lesi sigameko esishiye abantu bebambe ongezansi senzeke eMcitsheni, ePholweni, eMnambithi.
UMdluli kuthiwa uhlasele uMnuz Mvelo Mkhonza (43) ngebhawodi nangocelemba wamshaya wabuya esibhedlela. Kuthiwa uhlangane naye bahilizisana ikhansela lahosha izikhali emotweni lamhlasela. Umfowabo womgilwa, uMnuz Mlando Mkhonza uthe abayazi ingxabano ebikhona phakathi komfowabo nekhansela.
“ Umfowethu uhlangane nekhansela yena eseya ekhaya lona liya endaweni yokuphuza, lambuza ukuthi kungani yena ebheke kwenye indawo ekubeni lona liya kwenye. Kwasuka ingxabano lapho lamshaya ngebhawodi nangocelemba,’’ kuchaza uMkhonza.
UMkhonza uthe umfowabo ungeniswe esibhedlela elimele kabi ekhanda waphambana nemihlathi. Uthe nakuba esededeliwe kodwa akakabi muhle kahle uyalulama kanti useyazama nokuthi adle.
UMkhonza uthe bafisa kwenzeke ubulungiswa kulolu daba ngoba bayabona ukuthi ikhansela liyingozi emphakathini. Uthe okulandelayo wukuthi kufe umuntu noma kufe lona ngoba kuzokwenzeka lihlasele umuntu ohlome ngesibhamu.
Uthe uma kungukuthi kunosizo ikhansela eliludingayo kufanele litholelwe lona ngokushesha lisuswe futhi emphakathini. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uqinisekisile ukuthi balibophile ikhansela. Uthe udaba lubuyela enkantolo ngoDisemba 5.
“ Amaphoyisa aseZakheni aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza ngemuva kokuthi umlisa ebike ukuthi ushawe wumsolwa amaziyo. Umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi eZakheni, udaba lwahlehliselwa uDisemba 5,’’ kusho uConstable Ngcobo.
UMkhonza uthe akhona amalungu omphakathi adiniwe ngalolu daba futhi azimisele ngokuyobhikisha enkantolo ngenhloso yokuphikisa isicelo sebheyili ngoba azizwa engaphephile.