INZIMA impilo kubasebenzi baseClover osekuphele izinyanga ezine betelekile njengoba bengaholi, abanye sebeze bakhipha izingane ezikoleni ezibizayo bazifaka kwezikahulumeni okungakhokhwa kuzo imali yesikole.
Isolezwe lithole ukuthi laba basebenzi badlelwa izimoto, abakhokhela imizi basengcupheni yokukhishwa ezindlini, kanti abakwazi ngisho ukuthenga igilosa.
UMnuz Mthobeli Gumede, okhulumela abasebenzi baseClover abatelekile, uthe inzima kakhulu impilo ngoba umqashi akafuni ukulalela izikhalo zabasebenzi kusukela ngoNovemba.
“Isiteleka siqale ngoNovemba 22 ngesikhathi umqashi ethi uzosehlisela amaholo ngo-50%. Selokhu siqale isiteleka ayikho imali engenayo ngoba uma utelekile njengomsebenzi awuholi. Sithwele kanzima ngoba asikwazi ukuthenga igilosa, abanezimoto ezikhokhelwayo zisengcupheni yokudliwa kanti abakhokhela imizi nabo bangakhishwa noma kunini. Emakhaya amakhosikazi aphatheke kabi ngoba asinalutho,” kusho uGumede.
Uthe baye bathinta usomabhizinisi waKwaSanti uMnuz Nhlanhla Nyathikazi ukuthi alekelele abasebenzi njengoba isimo sisibi.
Uthe uNyathikazi ubasizile ngokuthengela izingane zabo umfaniswano wesikole ngoJanuwari njengoba eziningi zikhishiwe ezikoleni ezikhokhayo sezifunda kwezikahulumeni okungakhokhwa kuzo.
“Siyacela basilekelele bonke abazokwazi ukusilekelela ngoba silwela impilo yethu lapha. Umqashi akalaleli sekuze kwacelwa uMnyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana ukuba ungenelele ukuze kutholakale isixazululo sesiteleka. Namanje usafuna ukusehlisela amaholo ngo-30% esuka ku-50%. Kungenzeka kunciphe namahora okusebenza okusho ukuthi sizogcina singazazi ukuthi sihola malini. Kunzima, siyacela abantu basilekelele,” kusho uGumede.
Kuthintwa uNyathikazi uthe usebenzise inhlangano yakhe esiza umphakathi iNhlanhla Nyathikazi Foundation okuyiyona nangoJanuwari ethengele izingane zabasebenzi baseClover umfaniswano wesikole.
“Ngikhulele KwaSanti (St. Wendolins) ngakho iClover enye yamafemu aseduze kwendawo yangakithi. Kusebenza abantu baKwaSanti abaningi ngakho ngithintekile uma bengitshela ukuthi sekuphele izinyanga ezine bengaholi. Selokhu baqala isiteleka ngoNovemba wonyaka odlule, kuze kube manje asikatholwa isixazululo,” kusho uNyathikazi.
Uthe emuva kokukhuluma nabasebenzi uthole ukuthi abanayo imali njengoba bengaholi selokhu beqale isiteleka.
“Nginqume ukuthi ngoJanuwari ngithengele izingane zabo umfaniswano wesikole. Ngiye nginikele ngomfaniswano ezindaweni ezihlukene, imifundaze nezinye izinsiza ngoba ngiyathanda ukusiza umphakathi. Ngiye nganquma nokuthi abasebenzi ngibathengele ukudla kanye ngesonto njengoba besatelekile. Ngiyacela nabanye abakwaziyo ukusiza balekelele abasebenzi baseClover ngokudla nezinye izidingo zempilo,” kusho uNyathikazi.