KUHLUKENE imibono ngenkulumo yowoyengumengameli uMnuz Thabo Mbeki ayisho ngesikhathi ethula isifundo ngoLwesithathu e-UNISA.
UMbeki uhlabe wahlikiza izinto eziningi ezenzeka kuleli nobuholi bezwe. Uthe umnotho wakuleli ungathuthuka kuphela uma abantu bengayeka ukweba imali ebekelwe ukusiza umphakathi. Unxuse uhulumeni ukuthi alungise umnotho, esikhundleni sokuboleka imali kwamanye amazwe.
Ubuye waveza ukuthi abaphathi benkampani ephehla ugesi kuleli i-Eskom abafanelekile ukuphatha le nkampani. Uthe ukholwa wukuthi iNingizimu Afrika ishoda ngobuholi obuqotho kuwo wonke amazinga okuphatha, kuhulumeni nasemphakathi.
Ubuze ukuthi kungani kungabhekwana ngqo nenkinga kagesi, waphakamisa ukuthi mhlawumbe bekudingeka onjiniyela nezazi zomnotho ebuholini be-Eskom.
Pres Thabo Mbeki:
— Izwe Lethu (@LandNoli) September 22, 2022
We face a leadership challenge
We have economic, politics, safety problems which can be resolved by good leadership in Govt & society
Pali Lehohla said Eskom is an engineering business to be led by engineers & economists, but we have politicians & accountants pic.twitter.com/okDYqYwH2Y
Okucasule abaningi ngenkulumo yakhe wudaba oluthinta iHIV ne-AIDS, okuyinto eyamdalela amazinyo abushelelezi ebantwini bakuleli ngesikhathi esewumholi wezwe.
UMbeki akafunanga ukudeda enkolelweni yakhe ngodaba lwalesi sifo.
“Uma abantu bethi kimi iHIV yiyona edala i-AIDS, ngithi mina igciwane elilodwa lidala ukugula okuqondene nalo. Awukwazi ukuthi igciwane elilodwa lingadala ukugula okuhlukahlukene. Into ongayisho wukuthi igciwane linomthelela omubi emasosheni omzimba,” kusho uMbeki.
@JamilFarouk: Kuyinhlamba kubantu abalahlekelwa ngabathandiweyo babo ngenxa ye-AIDS edalwa wubuntekenteke bamasosha omzimba, okwenziwa yi-HIV. Ukuzama ukuchaza ukukhuluma ngoba ufuna ukuvikela isinqumo sokungadedeli imishanguzo, kubi.
@commanderlux1: UMbeki kumele ayeke ukuziphakamisa ngoba inkinga kagesi yayikhona ngesikhathi ephethe. Yena no-Alec Erwin baziba izeluleko ababezithola kwizazi ezazithi akwandiswe umthamo wokukhiqiza amandla kagesi, ukuze ukwazi ukumelana nezidingo zangomuso. Kumele athathe umhlalaphansi, avale umlomo.
@Zakhele15383062: Kazi kungani belokhu benika uThabo Mbeki isikhathi esingaka sokukhuluma. Lo mlisa wayengumengameli wezwe isikhathi esingaphezu kweminyaka eyishumi kodwa kuncane akwenzele abantu abamnyama kuleli.