SIBASHIYE bebhocobele abaholi be-ANC KwaZulu-Natal namadlelandwonye isinqumo sowayenguMengameli waleli qembu, uMnuz Jacob Zuma, osesungule iqembu elizoncintisana ne-ANC okhethweni ngonyaka ozayo.
Ememezela leli qembu elibhaliswe ngegama elithi uMkhonto weSizwe ngempelasonto, uZuma unxenxe abantu ukuba bavotele le nhlangano entsha ngoba i-ANC “ayiselona leli qembu alijoyina”.
Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, ezinyangeni ezedlule obamemezela ukuthi buzosebenzisa uZuma emikhankasweni, buthe isinqumo sikaZuma sifana nokuthi uzixoshile kwi-ANC.
Lokhu bakusho emva komhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal obuhanjelwe abaholi bamadlelandawonye obuseThekwini, izolo.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthe uZuma ukhombise ukungaziphathi kahle.
“Eminyakeni engu-111 kwasungulwa i-ANC, kungokokuqala ukuba kube nomholi oqavile onxenxa ukuba abantu bangayivoteli i-ANC, bavotele enye inhlangano. Noma phambilini beke baba khona abaholi abake bagxeka i-ANC, kepha abakaze bathi ayingavotelwa i-ANC. Ngesikhathi enza isimemezelo sakhe, ukhulume kabi nge-ANC.”
UMtolo usole uZuma ngokuzama ukudukisa amalungu e-ANC.
“Iqiniso ukuthi leli qembu athi alivotelwe alisiwona uMkhonto weSizwe wangempela. UMkhonto weSizwe wangempela yilona oweseka i-ANC, esinawo lana. Leli qembu lisungulelwe ukuba lidukise abantu ukuba bacabange ukuthi liwuMkhonto weSizwe lona oyingxenye ye-ANC. UMkhonto weSizwe wangempela uzokube ukhankasa nathi, unxusa abantu ukuthi bavotele i-ANC.”
UMtolo uthe akasiboni isidingo sokuthi i-ANC ixoshe uZuma, wathi uzixoshe yena ngokunxenxa abantu ukuthi bavotele inhlangano yepolitiki ezokube incintisana ne-ANC okhethweni.
“Le nto iyafana nje nenkosikazi ehamba ithi ishade nawe ekubeni isishade nenye indoda. Ukushada kwayo enye indoda kusho ukuthi asisekho isidingo sesahlukaniso ngoba vele isikushiyile.”
IPhini likaNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, lithe abanalo uvalo lokuthi isinqumo sikaZuma sizokwenza ukuthi sinciphe isibalo sabantu abazovotela i-ANC esifundazweni.
“Njengamanje semukela amalungu aqhamuka ezinhlanganweni ezahlukene futhi senza kahle ezinkethweni zokuchibiyela. Lokhu kusho ukuthi i-ANC iyakhula. Asinalo noluncane uvalo.”
IPhini likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, lithe yize bephoxekile ngokwenziwe uZuma, uthe abazisoli ngokumeseka kule minyaka eyedlule.
I-ANC KwaZulu-Natal ibihlezi yeseka uZuma kuxhaxha lwamacala asezinkantolo abebhekene nawo.
Bekulindeleke ukuthi ubuholi beSanco KwaZulu-Natal, buhlangane izolo, ebusuku, ukuzobhunga ngodaba lukaZuma.
UZuma uwuSihlalo weSanco KwaZulu-Natal, kanti iSanco idlelana ne-ANC.