I-NFP inikezwe izinsuku ezimbili ukuba iqhamuke nohlelo lokukhokha isikweletu sezigidi zamaRandi yi-Ezulweni Investment, isabisa ngokuthatha izinyathelo ezingaholela ekutheni leli qembu lingakwazi ukungenela ukhetho oluzayo uma lihluleka ukuqhamuka nohlelo lokuyikhokhela kulo mnqamulajuqu ewubekile.
Lezi zinsongo ziqukethwe encwadini yabameli ethunyelwe uMengameli weNFP, uMnuz Ivan Barnes.
Encwadini yabameli, i-Ezulweni Investment isabisa ngokuthi izoqhubeka necala lokuthi iNFP ihlakazwe uma ihluleka ukuqhamuka nohlelo lokuyikhokhela.
Ngokwamaphepha afakwe eNkantolo eNkulu eGoli, isikweletu seNFP sesikhule safika kuR25 million, njengoba yayiboleke uR13 million kwi-Ezulweni Investment ngo-2013.
Le mali yasetshenziselwa ukukhankasela ukhetho lwango-2014. Kusukela lapho i-Ezulweni Investment ibilokhu izama ukuthola imali yayo.
I-Ezulweni Investment ithe amakhansela eNFP azibophezela ukuthi azosikhokha isikweletu emhlanganweni owawuseThekwini ngonyaka owedlule.
“Nawe (Barnes) wawukhona emhlanganweni lapho amakhansela azibophezela khona ukuthi azoqhamuka nohlelo lokusikhokha sonke isikweletu. Nakuba amakhansela enza lesi sibophezelo, isikweletu asikaze sikhokhwe.”
I-Ezulweni Investment ike yaba sematheni ngesikhathi ilwa ne-ANC, kubangwa isikweletu sikaR100 million.
Icala lahamba laze lafika eNkantolo yoMthethosisekelo, kwawina i-Ezulweni Investment. I-ANC yagcina isikhokhile isikweletu.
Abe-Ezulweni bathe bazonikela enkantolo uma bengayitholi impendulo.
“Sizoqhubeka necala lapho sifuna ukuthi kuhlakazwe iNFP. Nani ke niyazi ukuthi umphumela wokuhlakazwa kweNFP kuzokusho ukuthi angeke nikwazi ukungenela ukhetho oluzayo.”
UBarnes ukuqinisekisile ukuthi bayitholile incwadi yabameli be-Ezulweni Investment, wathi bazophendula.
“Into nje esifuna ukuyibona ubufakazi balesikweletu. Sifuna ubufakazi bokuthi iNFP yazithola ngempela yini izimpahla okuthiwa iyazikweleta, nokuthi zamukelwa abantu abasemthethweni. Angeke sivele sithi sizokhokhela noma isiphi isikweletu ngenxa yokuthi kukhona abantu abasisabisa ngokuthi sizohlakazwa.”
UBarnes uthe abanalo itwetwe lokuthi lesi sikweletu singase sibavimbe ukuthi bangenele ukhetho.
“Ukuhlakaza iqembu akusiyo nje into elula ongavuka uyenze ekuseni. Lolu kuba uhlelo oluthatha isikhathi eside. Abantu abafuna ukuvotela iNFP kufanele bazi ukuthi sizokube sikhona okhethweni.”
UBarnes usole amalungu eNFP anganeme nasashiya iqembu, ngokuhambe ebhebhezela inkulumo yokuthi iqembu lizohlakazwa.