INYUNYANA yothisha iNational Teachers Union (Natu), ifuna umnyango wemfundo eyisisekelo ucacise ngohlelo lothisha abanezifo ezingamahlalakhona. Lokhu kungenxa yokuthi elakuleli lisesigabeni sesithathu somvalelandlini ngemva kokugasela kwesivuvu sesibili, sobhubhane iCorona.
Nyakenye umnyango ukhiphe isekhula eyayivumela othisha abanezifo ezingamahlalakhona ukuthi bahlale emakhaya, ngokwesabela impilo yabo.
UNobhala weNatu uNksz Cynthia Barnes uthe ukuhoxiswa kwesekhula okwenzeke ngesikhathi elakuleli lingena esigabeni sokuqala sikathaqa, kudala ukudideka kothisha ngoba izwe selibuyele esigabeni sesithathu.
“Othisha bafuna ukwazi ngaphambi kokuvulwa kwezikole ukuthi umnyango ume kuphi ngalolu daba. Ubumqoka bale sekhula kulesi simo esikuso sesivuvu sesibili seCovid 19, busekhona,” kusho uNksz Barnes.
Ubekhuluma emhlanganweni obubanjwe ngezobuchwepheshe yile nyunyana izolo lapho uMnuz Sibusiso Malinga ethulwe ngokomthetho njengobambe kwesikamengameli weNatu, ngemva ukushona ngokuzuma kowayengumengeli uMnuz Allen Thompson emasontweni amathathu edlule, kwathi uMnuz Given Mandlenkosi Mabuza waqokwa wayiphini.
Mayelana nokuhlehliswa kokuvulwa kwezikole nohlelo lokubuyela kothisha ezikoleni, i-Natu ithi umnyango ujaha ukumemezela izinqumo ozenza ngaphandle kokuxhumana nezinyunyana.
“Ukuhlehliswa kokuvulwa kwezikole bekwenzelwe ukugwema ukubhebhetheka kwegciwane ezikoleni. Pho kungani kujahwa ukubuyiselwa othisha ngoba akukho okushintshile, sisesigabeni sesithathu sikathaqa“ kubuza uNksz Barnes.
Ekhuluma neSolezwe uMalinga uthe sikhulu isikhala esishiywe nguMnuz Thompson ngoba ubengumuntu osebenza ngokuzikhandla kakhulu.
“Kuyaqala emlandweni wale nyunyana ukuthi umengameli ashone kuseyihlandla lakhe lokuqala. Lokhu kushiye isikhala esikhulu kumalungu ethu nomphakathi ngoba bekuwumuntu obesebenza ngokuzikhandla. Ngakho sizoqhubeka lapho egcine khona, ngokuphakamisa izinto ezikhathaza othisha ngaphandle kokwesaba,” kusho uMalinga.
UMalinga uthe iCovid 19 yenza kungahlanganwa kodwa uma isimo sidlula bazokwazi ukumenzela inkonzo yesikhumbuzo, ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu abahlukunyezwe ukudlula kwakhe emhlabeni, bayaphola.