AHLANGABEZANE nembibizane amalungu e-IFP, okusolakala ukuthi izolo abefuna ukuketula umengameli wenhlangano, uMnuz Velenkosini Hlabisa.
Lokhu kuza ngemva kokuthi umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-IFP, uchithe isicelo salamalungu sokuba kubizwe umhlangano oyisipesheli woMkhandlu kaZwelonke.
Amalungu e-IFP angu-20, abefuna ukuthi izolo kubizwe umhlangano woMkhandlu kaZwelonke, ubeseMpangeni.
Isicelo esibhekiswe kunobhala jikelele we-IFP, uMnuz Siphosethu Ngcobo, besisayinwe amalungu esigungu esiphezulu kwi-IFP okubalwa nezimeya.
Esicelweni sawo amalungu awazange akucacise lokho abefuna kubhungwe ngakho. Isolezwe lithole ukuthi amalungu abefuna kubhungwe ngesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaHlabisa.
Umthombo ongaphakathi kwi-IFP uthe kunohlangothi lwenhlangano, olufuna ukuthi uHlabisa ehle esikhundleni.
“Kuyaziwa ukuthi kukhona uhlangothi lwe-IFP olwalungafuni ukuthi akhethelwe kulesi sikhundla. Lolu hlangothi alukaze lumamukele uHlabisa. Ngeke baphumule uma uHlabisa engakehli esikhundleni.”
Ngokusho komthombo lona bekuwumzamo wesibili wokuketula uHlabisa.
“Empeleni sase sithathiwe isinqumo sokuthi uyamiswa ngalesi sikhathi kunomsindo wezikibha ezinobuso bakhe kodwa kwasiza ukungenelela kukaButhelezi (umengameli we-IFP ngokuhlonishwa, Inkosi Mangosuthu).”
Izolo, umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-IFP usichithile isicelo somhlangano weMkhandlu kaZwelonke.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe isicelo samalungu sehlulekile ukuhlangabezana nemigomo ebekiwe.
“Umhlangano woMkhandlu kaZwelonke, umhlangano obaluleke kabi, ngeke nje uvele uwubize noma yikanjani. Umhlangano woMkhandlu kaZwelonke uzobizwa ngumengameli (uHlabisa) ukuba uzodingida izindaba ezibalulekile ngosuku obelungakanqunywa.”
UHlengwa uthe ngoMsombuluko amalungu afake isicelo azobizelwa phambi kwesigungu esiphezulu ukuba azoziphendulela. Akazange achaze ukuthi yini abefuna ukuthi ibhungwe kodwa kukholakala ukuthi amalungu abefuna ukuthi kudingidwe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaHlabisa.
Umthombo uthe akwethusanga ukuthi isigungu esiphezulu sichithe isicelo somhlangano woMkhandlu kaZwelonke.
“Laba abangamfuni uHlabisa bancane esigungwini esiphezulu kepha baningi eMkhandlwini kaZwelonke. Yingakho abangamfuni uHlabisa bebefuna ukuthi udaba lwabo luyobhungwa eMkhandlwini kaZwelonke ngoba bayazazi ukuthi baningi khona. Laba abaseka uHlabisa babonile ukuthi kuzokonakala uma bengavumela ukuthi kuhlale umhlangano woMkhandlu kaZwelonke.”