IWUTWAYI abalunwaya luvumbuke indaba yombiko ngepulazi iPhalaPhala, okungelikaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa. I-EFF isilubeke ezithebeni zeNkantolo yoMthethosisekelo.
I-EFF imemezele ukuthi ijube abameli bayo ukuthi bafake amaphepha eNkantolo yoMthethosisekelo.
Ipulazi likaMengameli uRamaphosa lahlaselwa yizigebengu ezagqekeza zantshontsha izishaqane zemali yamadola yakwelinye ilizwe. Udaba lwemali eyayibekwe epulazini likaRamaphosa lwaba wundabamlonyeni.
URamaphosa wakhishwa phambili wumbiko woMvikeli woMphakathi wabuye wakhishwa phambili wumbiko weBhange loMbuso.
Ashaya amakhala amaqembu aphikisayo athi uRamaphosa kufanele achaze kabanzi ukuthi imali yayiyisima kanjani. Kwaqokwa ithimba elizimele ukuthi liphenye, lase lethula umbiko ePhalamende liveza ukuthi uRamaphosa kukhona okufanele akuphendule.
Amalungu e-ANC ePhalamende avota ewuchitha umbiko futhi kwavela ukuthi uzophoselwa inselelo enkantolo. I-EFF ithi ifuna inkantolo yoMthethosisekelo ikudalule njengokungekho emthethweni ukuvotelwa kwalo mbiko ePhalamende.
Kuvela lokhu nje, ngoMgqibelo kulindeleke ukuthi i-EFF inkanise eThekwini, lapho izokwethula khona umhlahlandlela wayo ngokhetho. I-EFF izimisele ngokugcwalisa inkundla iMoses Mabhida. Ithi izimisele ukuwola amavoti amaningi ukuze iketule i-ANC okhethweni oluzayo.