OSOSAYENSI baseDUT bahlole baphasisa amanzi aphakelwa wuMasipala weTheku ezindaweni ezehlukene ngaphansi kwawo. Okhulumela i-DUT, uMnuz Alan Khan, uthe umsebenzi wokuhlola amanzi wenziwe ngokuzimela yi-Institute for Water and Wasterwater Technology (IWWT) engaphansi kwe-DUT.
Uthe kutholakale ukuthi amanzi ahlanzekile, akulungele ukuphuzwa emuva kokuthi kuthathwe amasampula ezindaweni ezehlukene kusukela ngoMeyi 31 kuya kuJuni 1. Udaba lwamanzi aseThekwini luke lwasusa umsindo esikhathi esedlule emuva kokuhlasela kwezikhukhula eThekwini. Abase-DUT bathi akekho obebacele ukuthi bahlole amanzi kodwa bebezisukele bona.
UMasipala weTheku ubulokhu umile ekutheni amanzi awo aphephile ukuthi aphuzwe abantu. Kwenzeka konke lokhu nje, abantu baseHamanskraal, eGauteng, bahleli lubhojozi ngenxa yokubheduka kwesifo sohudo okuthiwa basithola emanzini abawaphuzayo.