I-ANC yenze izinguquko kuMasipala waseThekwini kulandela ukulalela izikhalazo zabantu bakuleli dolobha.
I-ANC yenze ushintsho kosihlalo bamakomiti akulo mkhandlu.
Kulezi zinguquko kuphinde kwahlomula amaqembu avota ngokubambisana ne-ANC kulo masipala, okuyiNFP ne-EFF.
Lezi zinguquko zimenyezelwe nguNobhala we-ANC kwisifunda iTheku, uMnuz Musa Nciki, izolo.
UNciki umemezele ukuqokwa kukaMnuz Thembo Ntuli njengosihlalo wekomiti elibhekelele ukuthuthukiswa komnotho emkhandlwini.
Leli komiti belikade liphethwe nguMnuz Thanduxolo Sabelo, owashiya kulesi sikhundla ngonyaka owedlule.
UMnuz Thabani Miya we-EFF yena uqokwe njengosihlalo wekomiti elibhekelele ukuhlaliswa kwabantu kanye nengqalasizinda.
Leli komiti belikade liphethwe yiloyo owayeyiphini lemeya kumasipala waseThekwini, uMnuz Philani Mavundla, okhishwe kulesi sikhundla ngonyaka owedlule.
UMavundla, ongumengameli we-ABC, wakhishwa kulesi sikhundla emva kokuphela kwesivumelwano sokusebenzisana phakathi kwe-ANC ne-ABC.
UMavundla nguyena obehola amaqembu amancane asindisa i-ANC ekulahlekelweni yilo mkhandlu njengoba ingenazo izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela.
Manje la maqembu amancane aseholwa yikhansela leNFP, uNksz Zandile Myeni, osanda kuqokwa njengephini lemeya.
UNksz Myeni yena unikezwe isikhundla sokuba usihlalo wekomiti elisha, okuyikomiti elibhekelele ezokuphepha nezimo eziphuthumayo.
UNciki uthe benze lezi zinguquko ukuze umkhandlu uzosebenza kangcono.
“Njenge-ANC siyilalelile imibono yabantu ezinkundleni zokuxhumana nakwabezindaba. Le mibono ibiveza lokho abantu baseThekwini abakubona kuhamba kahle kanjalo nalokho abakubona kungahambi kahle. Imibono yabantu baseThekwini ikhombisa ukuthi zonke izakhamuzi zakulo masipala zifuna ukuwubona wenza kahle.
“Leli yidolobha labo futhi babambe iqhaza ekuthuthukisweni kwesimo senhlalo edolobheni labo. Njengabavoti, abantu baseThekwini banelungelo lokuthi baphawule ngezinga lokuhanjiswa kwezidingo yingakho sinqume ukwenza izinguquko emakomitini.”
UNciki uthe bazimisele ngokubambisana nawo wonke amaqembu anezihlalo kumasipala.
“Izandla sizivulile kuwo wonke amaqembu ezepolitiki. Kufanele sisebenzisane sonke ngoba sinenhloso eyodwa, okuwukuthuthukisa idolobha lethu. Sonke sifuna ukubona impilo yabantu bakuleli dolobha iya phambili. Wonke amakhansela kufanele agade ukusebenza kwemali yomasipala aphinde enze isiqiniseko sokuthi izidingo ziyaya kubantu.”
Kuphinde kwaqokwa uNksz Snenhlanhla Sishange njengosotswebhu emkhandlwini.
UNciki uphinde wamemezela ukwesula kukasihlalo wekomiti elibhekelele ubuqotho, uNksz Ntokozo Sibiya.