I-ANC kwisifunda iTheku ithi ikhathazekile ngokungenzi kahle kophiko lukagesi kuMasipala waseThekwini.
Unobhala we-ANC kulesifunda, uMnuz Musa Nciki, uthe sebeyalele imeya yalomasipala, uMnuz Mxolisi Kaunda nezikhulu zalo luphiko ngokuqhamuka namasu okwenza ngcono izinto.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngezinqumo ezithathwe emhlanganweni iLekgotla, obungempelasonto.
UNciki uthe ukuhamba kukagesi isikhathi eside ezindaweni ezakhele iTheku kuyizinkomba zokuba mapeketwane kwezinto ophikweni lukagesi.
“Kudala uphiko lukagesi lwalusebenza ngendlela futhi yilona olwalufaka imali kumasipala, kodwa lokho akusenzeki manje. ngale kokuthi loluphiko lwalufaka imali, lwaluphethwe nakahle. Njengamanje aluphethwe kahle.” kusho uNciki.
Uthe yize iTheku lingachaphazelwa kakhulu wukucishwa kukagesi njengoba kwenzeka kuphela uma izwe lingaphansi kwesigaba sesine, kunabantu baseThekwini abahanjelwa ugesi isikhathi eside.
“UMasipala waseThekwini unesivumelwano ne-Eskom sokuthi ugesi uzocishwa ezindaweni ezithile zedolobha uma ukucishwa kwawo ezweni kungaphansi kwesigaba sesine. Lesi sivumelwano senziwa emva kokulimala kwengqalasizinda kamasipala ngesikhathi kuhlasela izikhukhula.
“Yize kunalesi sivumelwano kunabantu baseThekwini abahanjelwa ugesi isikhathi eside ngisho ngabe kuthiwe ngalelolanga awuzukucishwa. Yilesi isimo okufanele silungiswe ngokushesha,” kuqhuba uNciki.
Uphinde waveza ukuthi bakhathazekile nangokuphela kwamanzi ezindaweni ezingaphansi kwalomasipala.
Uthe udaba lwamanzi sebeke balubika ngisho kuNgqongqoshe wezaManzi uMnuz Senzo Mchunu kanti bafuna ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu baseThekwini bathola amanzi enele.
“Ngithanda ukumemezela ukuthi uMasipala waseThekwini uzosebenzisana nomnyango wezaManzi ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu bonke bayawathola amanzi.
“Sizogxila kakhulu ezinhlelweni zokwakha ingqalasizinda ezokwazi ukuhlinzeka bonke abantu ngamanzi.
“Abantu kufanele bathole amanzi okuphuza ahlanzekile kanye nokuthuthwa kwendle. Kufanele silungise ingqalasizinda enye yayo eyalinyazwa izikhukhula,” kusho yena.
UNciki uthe amapayipi avuzayo aholela ekutheni amanzi engafiki ebantwini.
Umbiko wakamuva womcwaningi mabhuku waveza ukuthi eminyakeni emihlanu eyedlule iTheku lilahlekelwe ngamanzi angu-53% aphelela emhlabathini ngenxa yamapayipi avuzayo.