I-ANC KwaZulu-Natal ifuna kuthathelwe izinyathelo zomthetho imeya kuMasipala waseBaqulusini, kulandelwa ukudutshulwa kwelungu lomphakathi okusolakala ukuthi kwenziwe onogada abebehambisana nayo, ngesikhathi kunombhikisho wamalungu omphakathi ekhala ngokukhishwa kukagesi oyizinyokanyoka eHlobane, ngeledlule.
Yize esitatimendeni esikhishwe wumasipala, uzichitha izinsolo ezenziwa ngamanye amalungu omphakathi ezithi uMnuz Khehla Mkhwanazi wayehleli emotweni ngesikhathi onogada ababejutshwe ukudambisa isimo bedubula ukuhlakaza isixuku sababhikishi esigamekweni okwashona kuso uMnuz Thokozani Masondo (28), kodwa i-ANC ithe kumele aboshwe.
"Sesiyazi ukuthi uhlasela abantu abaningi abahluphekayo esebenzisana nabantu bakhe abacashe ngokuba abasebenzi bakahulumeni. Umphakathi ukhala ngokuthi usephendule umasipala indawo yakhe lapho ukusatshiswa kwabo nokubulala, kubayinto nje eyejwayelekile," kubhalwe esitatimendeni.
UMasipala waseBaqulusini uphethwe yi-IFP, kanti uMkhwanazi uyimeya yesibili yaleli qembu ephathe umasipala kuleli hlandla njengoba phambilini i-IFP yahoxisa esikhundleni uMnuz Mncedisi Maphisa emva kokuputshuka kwenkulumo elumelayo eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana okuthiwa wayenza ekhuluma emhlanganweni weziphathimandla kuwo lo masipala.
Ikhipha lesi sitatimende nje i-ANC, emuva kokusabalala kwe-video ebonisa omunye wabasebenzi abane okuthiwa baxoshiwe uMkhwanazi, abasebenza ngaphansi kohlelo lwe-Expanded Public Works Programme. Ubekhuluma enkonzweni yomngcwabo kaMasondo ngempelasonto.
Kuyona usola uMkhwanazi ngokufa kukaMasondo nokubaxosha emsebenzini, okukhona kubona noninalume kaMasondo, uMnuz Sanele Mazibuko.
Umasipala uzichithile izinsolo zokuthi baxoshiwe, kanti esitatimendeni saphambilini uveze ukuthi uMkhwanazi wayeseMtshezi ngesikhathi kudutshulwa uMasondo futhi onogada babedubula ngezinhlamvu zenjoloba.
Kuvele ukuthi kukhona unogada oboshiwe ngaleli cala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenat Nqobile Gwala uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-51, wavela eNkantolo yeMantshi yaseVryheid, ngoLwesihlanu.