I-ANC iyiphika ima ngomhlane eyokuthi njalo uma kuzoba nokhetho ifudumeza izethembiso ezindala eyazenza kubantu njengoba nomqulu wayo ugidagida ezintweni ezizodwa, osekuneminyaka ezinye zazo zingenzeki.
Le nhlangano ithe izethembiso eyazenza kubantu ngeke izishintshe noma kungathiwa kunezinguquko esezikhona kulowo mkhakha.
Iphini likasihlalo wekomiti elibhekele izinguquko kwezomnotho kwi-ANC, uMnuz Zuko Godlimpi, utshele abezindaba esithangamini ngoLwesine, ukuthi labo abathi ayikho into entsha emqulwini wezethembiso zokhetho bakhuluma into engekho. Umqulu wezethembiso uthulwe uMengameli Cyril Ramaphosa ngempelasonto enkundleni yemidlalo iMoses Mabhida eThekwini.
Uthe abaningi bathi i-ANC imane yafudumeza izethembiso ezindala akukho okusha okuvezwe iyona okuzoyisa izwe phambili.
“Uma ubheka umqulu we-ANC sisakhuluma ngezinto esazithembisa, ezifaka ukwakha amathuba emisebenzi, ezemfundo, ezempilo nezinye izethembiso. Imfundo namanje sisayibeke phambili noma kungathiwa kukhona abafunda mahhala kodwa nangomuso sizoqhubeka sikhulume ngokubeka phambili imfundo.”
Uthe naseminyakeni engu-30 ezayo, le nhlangano izobe isagqamisa cishe izinto ezifanayo emqulwini wayo wezokhetho njengoba sekuphele iminyaka engu-30.
Abahlaziyi bezepolitiki kanjalo namaqembu amaningi bayawuchitha umqulu we-ANC, bathi akukho okusha njengoba nezethembiso ezithinta ukwakha amathuba emisebenzi zigcina zingafezekanga.
UGodlimpi uthe nakulo mqulu bathembise ukwakha amathuba emisebenzi angu-2.5 million, kubantu bakuleli.
“Lokhu sizokwenza ngokuthi kube nezimboni. Sidinga ukuba nogesi owenele ukuze sikwazi ukwenza lokhu. Indaba kagesi iyalungiswa.”
Usihlalo waleli komiti, uNksz Mmamoloko Kubayi, uvikele uNgqongqoshe wezikaGesi, uMnuz Kgosientsho "Sputla" Ramokgopa, wathi usebenza ngokuzikhandla emkhakheni ajutshwe kuwona.
Uthe njalo uyahlangana naleli komiti alichazele ngebanga elihanjiwe ukuxazulula le nkinga kagesi.
Uveze ukuthi nomphakathi uyaziswa ngokuthi ugesi uzocishwa nini nokuthi isimo sawo singase sibuyele nini endaweni ejwayelekile.
“Kukhona nabanye abathi singongqongqoshe be-ANC asenziwa lutho uma singasebenzi. Ngiyakuchitha lokhu, selokhu ngajutshelwa emnyangweni wezokuhlaliswa kwabantu sengiphendula kabili ngengikwenzayo emnyangweni. Akulona iqiniso ukuthi asenziwa lutho ngokungazihambisi izidingo emphakathini.”
Uveze ukuthi ziningi izinto esezenziwe eminyakeni engu-30 edlule kuleli.