I-ANC eThekwini ikhala ngokuthi iziphakamiso zokuklanywa kabusha kwemingcele yomasipala ezisanda kushicilelwa iMunicipal Demarcation Board zizoshaya kuzwele kuMasipala waseThekwini uma zigcina ziphasisiwe.
Phakathi kweziphakamiso kukhona esokuthi i-ward okungaphansi kwalo iKing Shaka International Airport lisuswe eThekwini, lifakwe kuMasipala wakwaDukuza.
Kuphakanyiswa ukuthi idolobha uThongathi kanye neHazelmere Dam kukhishwe ngaphansi kweTheku, bese kufakwa kuMasipala waseNdwedwe.
Kuphinde kube nesiphakamiso sokuthi uMasipala waseMkhambathini ukhishwe kumasipala wesifunda uMgungundlovu, bese ufakwa ngaphansi kweTheku.
Okhulumela i-ANC esifundeni iTheku, uMnuz Mlondolozi Mkhize, uthe abahambisani nalezi ziphakamiso.
UMkhize uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi iTheku lingase lilahlekelwe izindawo zomnotho elizakhe kanzima.
“Thina njengeTheku sikubona kungase kube nobungozi lokhu okuhlongozwayo, ikakhulukazi kulokhu kwesikhumulo sezindiza. Izindawo okukhulunywa ngazo izindawo zomnotho uMasipala waseThekwini owasebenzisa imali eshisiwe ukuzithuthukisa. Kunobungozi bokuthi ngeke zithole ukunakekelwa okwanele uma zingasekho ngaphansi kweTheku.”
UMkhize uthe basazoba nezingxoxo nobuholi be-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza.
Omasipala abangaphansi kwesifunda iGeneral Gizenga Mpanza kubukeka kuyibo abazohlomula kakhulu uma iziphakamiso ezihlongozwayo zigcina ziphasile.
UMkhize uthe abanamdlandla wokuthi umasipala waseMkhambathini ufakwe ngaphansi kweTheku.
Uthe okubakhathazayo ukuthi izindawo ezingaphansi kukaMasipala waseMkhambathini azithuthukisiwe ngakwezomnotho.
“Lokhu kusho ukuthi uMasipala waseThekwini kufanele usebenzise imali eshisiwe ukuthuthukisa lezi zindawo ngakwezomnotho. Kona abantu baseMkhambathini bebezokwazi ukuthola izidingo ezingcono.”
Unobhala we-ANC esifundeni iMoses Mabhida, uMnuz Samora Ndlovu, uthe basazoyixoxa kahle bewubuholi besifunda eyesiphakamiso sokuthi kukhishwe uMasipala waseMkhambathini kumasipala wesifunda uMgungundlovu.
“ Ayithinti thina njengesifunda iMoses Mabhida kuphela, kodwa ibuye ithinte nesifunda iTheku. Ingakho kufanele sihlale phansi bese sikhuluma ngezwi elilodwa.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukanobhala we-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza, uMnuz Siphesihle Zulu, ayizange iphumelele njengoba ekhale ngokuthi umatasa nezifundo.
IMunicipal Demarcation Board isavule ithuba kumalungu omphakathi ukuthi athumele imibono ebhaliwe.
Ngo-Agasti kuzoba nezigcawu zokulalelwa kwemibono yabantu.