IZINKINGA ezikhungethe uMasipala waseThekwini seziholele ekutheni ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bunqume ukuzibambela mathupha ekuqapheni ukusebenza kwalo masipala.
Umhlangano wezinsuku ezimbili wesigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal uphethe ngokuthi kuthathwe isinqumo sokuthi ubuholi besifundazwe bungenelele ekuqapheni ukusebenza kwalo mkhandludolobha oyisizinda somnotho wesifundazwe.
Lokhu kumenyezelwe nguNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.
UMtolo uthe bazojuba amalungu esigungu esiphezulu kwi-ANC ukuba ahambele imihlangano yamakhansela e-ANC kumasipala.
Kunemibiko yokuthi ukungavumelani kwamakhansela e-ANC kulo masipala kwenza ukuthi kungasebenzeki, kuphinde kwenze nokuthi imihlangano yomkhandlu idonse isikhathi eside.
“Ngokulandela isigaba 19.9.8 somthetho we-ANC, sizoqapha ukusebenza kwamakhansela e-ANC kuMasipala waseThekwini. Esizogxila kukhona kakhulu ukwenza isiqiniseko sokuthi abaholi abajutshwe yi-ANC kumasipala baqapha ukusebenza komkhandlu baphinde benze isiqiniseko sokuthi abantu bayazithola izidingo.”
UMtolo uthe bakhathazekile ngokwahluleka komkhandlu ukuhambisa izidingo kubantu, wathi bafuna ukukushintsha lokhu.
“Isigungu esiphezulu sithathe isinqumo sokuthi ubuholi buhambele eMlaza ukuyobheka ukuhanjiswa kwezidingo. Emva kwalokho kuzokuba nembizo ezobizwa nguhulumeni wesifundazwe. Sizosebenzisana nobuholi be-ANC kwisifunda iTheku ukwenza isiqiniseko sokuthi izinhlaka ezihlukene zomphakathi zithola ithuba lokudlulisa izikhalazo zazo.
“Sifuna ukuthi amalungu omphakathi azibonele ngamehlo intuthuko, kushintshe izimpilo zawo. Siningi isikhathi esizosichitha sicija lo masipala oholwa yi-ANC ukuze ukwazi ukuhambisa izidingo ezifana nogesi, amanzi, ukuqoqwa kwendle, ukwakhiwa kwezindlu kanye namathuba emisebenzi.”
Lesi sinqumo siza nje ngoMeyi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal wanquma ukuthumela ithimba longoti elizokwelekelela kulo mkhandlu.
Ithimba longoti liholwa owayeyimenenja yalo masipala, uMnuz Mike Sutcliffe, kanye nowayengumqondisi jikelele ehhovisi likamengameli, uDkt Cassius Lubisi.
Kunendida ngokujutshwa kwabalekeleli njengoba kuze kube manje leli thimba lingakaze lethulwe ngokusemthethweni.
Imizamo yokwethula ngokusemthethweni leli thimba emhlanganweni womkhandlu owawungoJuni yaphikiswa amakhansela e-ANC, aphakamisa ukuthi liqale lethulwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu.
Kunemibiko ethi kukhona abaholi be-ANC kwisifunda iTheku abangahambisani nokujutshwa kwaleli thimba.
Kepha izolo uMtolo uthe akukho okuzovimba ukujutshwa kwalaba baholi.
“Inkinga ukuthi izinto zikahulumeni zihamba kancane. Ziningi izinto okufanele zixoxwe ngaphambi kokuthi ithimba liqale ukusebenza. Kufanele kwenziwe isinqumo sokuthi akunyathelwa amakhona ubuholi obukhona kumasipala. Lena akuyona into ongavele uvuke ekuseni uyenze. Asilindeni, singajahi.”
UMtolo uphinde wachitha izinsolo zokuthi kukhona abafuna ukuthi kuxoshwe iMeya kaMasipala waseThekwini, uMnuz Mxolisi Kaunda.