UBUHOLI be-ANC KwaZulu-Natal buthi abuhambisani nesiphakamiso sokukhishwa kwezinye izingxenye zikamasipala waseThekwini eziyizizinda zomnotho zifakwe ngaphansi komasipala abahlukene abakhelene nalo mkhandludolobha.
Njengamanje inhlangano yokuklanywa kwemingcele iMunicipal Demarcation Board icubungula isiphakamiso sokukhishwa kwezingxenye ezithile kuMasipala weTheku zifakwe ngaphansi komasipala abafana noMgungundlovu, KwaDukuza neNdwedwe.
Esinye seziphakamiso esicutshungulwayo ngesokuthi kuthuthwe isikhumulo sezindiza, iKing Shaka International Airport, sifakwe ngaphansi kukaMasipala waKwaDukuza.
Esinye isiphakamiso ngesokuthi kuthuthwe idolobha uThongathi neHazelmere Dam ifakwe ngaphansi kukaMasipala waseNdwedwe, bese kuthathwa izingxenye zeCato Ridge zifakwe ngaphansi kukaMasipala waseMgungundlovu.
Abahambisana nalezi zinguquko ezihlongozwayo bathi lezi zinguquko zingafukula iminotho yalabo masipala uma zingagcina zenziwe.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthe omasipala abakhelene neTheku kufanele bazithuthukisele bona iminotho yabo, bangafuni ukucozulelwa izizinda zomnotho zeTheku.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emva komhlangano wobuholi be-ANC, SACP neCosatu KwaZulu-Natal.
“Sikholelwa ukuthi iTheku akufanele liphucwe izindawo elizithuthukise kanzima. Bonke omasipala kufanele baqhamuke nezinhlelo zokuthuthukisa iminotho yabo.
“Abantu baseNdwedwe baya kothenga oThongathi ngenxa yokuthi ayikho indawo efana noThongathi eNdwedwe. UMasipala waseNdwedwe kufanele wakhe indawo ezofana noThongathi ukuze abantu bayothenga kuyona, bangaze baye eThekwini.”
Kusukela manje kuze kube u-Agasti, iMunicipal Demarcation Board ibe nezigcawu zokulalela izimvo zomphakathi ngalezi zinguquko ezihlongozwayo.
Khonamanjalo uMtolo, unobhala we-SACP KwaZulu-Natal uMnuz Themba Mthembu nonobhala we-Cosatu KwaZulu-Natal, uMnuz Edwin Mkhize, bathe bakhathazekile ngokubambezeleka kokwethulwa kwabeluleki abajutshwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, kuMasipala waseThekwini.
Leli thimba labeluleki elifaka phakathi oweyeyimenenja yaleli dolobha, uMnuz Mike Sutcliffe nowayengumqondisi-jikelele ehhovisi likamengameli, uMnuz Cassius Lubisi, kwakufanele lethulwe emhlanganweni womkhandlu owawungenyanga eyedlule.
Lokhu kwabhuntsha ngomzuzu wokugcina emva kokuthi amakhansela akulo masipala ephakamise ukuthi leli thimba liqale lethulwe emhlanganweni wesiGungu esiPhezulu kumasipala.
Emhlanganweni wesigungu esiphezulu obuhleli izolo, liphinde langathulwa leli thimba.
Laba baholi bathe babona sengathi kunokuhudulwa kwezinyawo ekwethulweni kwaleli thimba.