I-ABC isiyazisola ngokusindisa i-ANC kuMasipala waseThekwini. Lokhu ikuveze esitatimendeni esikhiphe emva kokwesula komholi wayo, uMnuz Philani Mavundla, njengekhansela kuMasipala waseThekwini.
Isimemezelo sokwesula kukaMavundla sikhishwe izolo. Esimemezelweni i-ABC ixolisile kubantu baseThekwini ngokusebenzisana ne-ANC kulo masipala.
I-ABC isemaqenjini amancane asindisa i-ANC ngesikhathi amaqembu aphikisayo efuna ukuyikhipha emandleni okuphatha lo mkhandlu-dolobha oyisizinda somnotho esifundazweni iKwaZulu-Natal.
I-ANC ayinazo izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela kuMasipala waseThekwini.
Unobhala jikelele we-ABC, uNkk Phumelele Phahla, uthe bavota ne-ANC ngoba befuna ukuthi kubekwe phambili izidingo zabantu.
UNkk Phahla uthe babefuna ukubona umasipala uhambisa izidingo kubantu, kuphinde kuthathelwe izinyathelo izikhulu ezingawenzi umsebenzi.
Uthe babenethemba lokuthi bangakwazi ukuyishintsha i-ANC, yenze izinto abebezifuna.
“Lokhu akuzange kwenzeke. Ingakho sixolisa kubantu baseThekwini ngokuthi sisindise i-ANC ekubeni abantu babekade bevotele ukuthi iphume emandleni ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021.”
Ukusebenzisana kwe-ABC ne-ANC kwaholela ekutheni uMavundla agixabezwe ngesikhundla sephini lemeya.
Wakhishwa kulesi sikhundla emva kokungaboni ngaso linye nobuholi be-ANC ngasekupheleni konyaka odlule.
UNkk Phahla uthe ukukhishwa kukaMavundla kulesi sikhundla ngeke kuze kubadikibalise.
“Sizoqhubeka nokuba izwi labantu ababukelwa phansi, sizoqhubeka nokulwela abantu. Abantu baseThekwini bazibonele ukuthi uMavundla wakhishwa esikhundleni sephini lemeya ngenxa yokuthi wayebeka phambili izidingo zabantu.”
UNkk Phahla uthe uMavundla nobuholi be-ABC bazoqhubeka nokuba ingxenye yecala lapho i-ActionSA ifake khona umasipala waseThekwini ngodaba lokungcola kwamabhishi.
“Njengeqembu eliphikisayo sikholelwa ekutheni kufanele sifune izimpendulo kuMasipala waseThekwini siphinde siwuphoqe ukuthi uhambise izidingo kubantu. Sinxuse wonke amanye amaqembu ezepolitiki ukuthi abe ingxenye yaleli cala. Sithanda ukubonga bonke abantu abasivotelile okhethweni lohulumeni basekhaya olwedlule.”
Incwadi yokwesula kukaMavundla ithunyelwe uSomlomo kaMasipala waseThekwini, uMnuz Thabani Nyawose, ngesonto eledlule.
I-ABC ayizange isho ukuthi isikhala sakhe sizovalwa ubani.
Kuthintwa uMavundla, ukuqinisekisile ukwesula kwakhe, kepha wanganda ngamazwi.